The Constitution Archive - Keep It Constitutional

Isahluko 14: izimiso ezixubile
IZIMISO EZIXUBILE

Isahluko 14

Umthetho wamazwengamazwe

Izivumelwano zamazwe ngamazwe

(1) Ukuxoxisana nokusayinwa kwazo zonke izivumelwano zamazwe ngamazwe kungumsebenzi woMkhandlu Ophethe Kazwelonke.

(2) Isivumelwano samazwe ngamazwe sibophezela iRiphabhuliki kuphela ngemuva kokuthi samukelwe ngesinqumo esithathwe ndawo zombili yiPhalamende kanye noMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, ngaphandle kwalapho kuyisivumelwano esiphawulwe esigatshaneni sesi-(3).

(3) Isivumelwano samazwe ngamazwe sohlobo oluphathelene nezobuciko obuthile, nezokuhambisa kahle imisebenzi noma ezokuphatha, noma isivumelwano esingadingi ukwemukelwa noma ukwesekwa, esenziwe nguMkhandlu Ophethe, sibophezela iRiphabhuliki ngaphandle kokwamukelwa yisiGungu Sikazwelonke noma uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, kodwa kufanele sethulwe phambi kwePhalamende kanye noMkhandlu kungakedluli ngesikhathi esifanele.

(4) Noma yisiphi isivumelwano samazwe ngamazwe siba ngumthetho kuRiphabhuliki uma senziwe umthetho ngokushaywa komthetho kazwelonke; kodwa isimiso sesivumelwano esizisebenzayo ngokwaso esamukelwe yiPhalamende singumthetho eRiphabhuliki ngaphandle kwalapho siphambene noMthethosisekelo noma uMthetho Wephalamende.

(5) IRiphabhuliki iboshezelwa yizivumelwano zamazwe ngamazwe ezazibophelela iRiphabhuliki ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza.

Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko

Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko ungumthetho kuRiphabhuliki ngaphandle kwalapho ungahambisani noMthethosisekelo noma uMthetho Wephalamende.

Ukusetshenziswa komthetho wamazwe ngamazwe

Uma kuhunyushwa noma yimuphi umthetho, yonke inkantolo kufanele ikhethe noma yikuphi ukuhunyushwa komthetho okuhambisana nomthetho wamazwe ngamazwe kunokunye ukuhunyushwa okungahambisani nomthetho wamazwe ngamazwe.

Ezinye izindaba

Imiqulu yamaLungelo

Ukuze kujuliswe isiko lenqubo yentando yeningi elimiswe nguMthethosisekelo, iPhalamende lingamukela imiQulu Yamalungelo ehambisana nemibandela yoMthethosisekelo.

Ukuzimela

ILungelo labantu baseNingizimu Afrika beboke lokuba bazimele, njengoba kukhonjisiwe kulo Mthethosisekelo, alikuvimbeli, ohlakeni lwaleli lungelo, ukwemukelwa komqondo welungelo lokuzimela kwanoma yimuphi umphakathi ohlanganyele amasiko nolimi olufanayo, endaweni ethile yeRiphabhuliki noma yingayiphi enye indlela, ebekwe ngumthetho kazwelonke.

Ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe

Ukuthuthukisa inqubo yentando yeningi yamaqembu ahlukahlukene, imithetho kazwelonke kufanele ihlinzekele ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe abamba iqhaza kuzishayamthetho zikazwelonke nezesifundazwe ngokulingana nangokufaneleka kwawo ngokwamanani.

Ukwenziwa kwemisebenzi ngokukhuthala

Zonke izibopho zoMthethosisekelo kufanele zenziwe ngokukhuthala nangokungachithi sikhathi.

Ukwenzelwa imisebenzi nokwedluliswa kwamandla okwenza imisebenzi

Ingxenye kahulumeni ephethe kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni –

(a) ingedlulisela noma yimaphi amandla noma umsebenzi okumele usetshenziswe noma wenziwe ngokomthetho kunoma iyiphi enye ingxenye kahulumeni ephethe, inqobo nje uma ukwedluliselwa kwamandla nemisebenzi kuhambisana nomthetho ngokokusetshenziswa kwamandla noma ukwenziwa komsebenzi; noma

(b) ingasebenzisa noma yimaphi amandla noma yenze noma iyiphi imisebenzi iyenzela noma iyiphi enye ingxenye kahulumeni ephethe ngokuthi isebenze ukwenzela abanye umsebenzi noma yedluliselwe umsebenzi.

Izincazelo

KuMthethosisekelo, ngaphandle kwalapho isimo sikhombisa okwehlukile – “umthetho kazwelonke” umbandakanya –

(a) umthetho ongaphansi komunye owenziwe ngokoMthetho Wephalamende; kanye

(b) nomthetho owawusetshenziswa ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza futhi olawulwa nguhulumeni kazwelonke; “ingxenye yombuso” isho –

(a) noma yimuphi umnyango wombuso noma wokuphatha emkhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma kahulumeni wasekhaya; noma

(b) noma yisiphi esinye isikhungo sokusebenza noma inhlangano –

(i) esebenzisa amandla noma eyenza umsebenzi ngokoMthethosisekelo noma umthethosisekelo wesifundazwe; noma

(ii) esebenzisa amandla okusebenza emphakathini noma eyenza umsebenzi womphakathi ngokwanoma yimuphi umthetho, kodwa ayifaki inkantolo noma isikhulu sezomthetho; “umthetho wesifundazwe” umbandakanya –

(a) umthetho ongaphansi komunye owenziwe ngokomthetho wesifundazwe; kanye

(b) nomthetho owawusetshenziswa ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza futhi owawulawulwa nguhulumeni wesifundazwe.

Ukungahambisani emibhalweni eyahlukene

Uma kukhona ukungahambisani phakathi kwemibhalo eyahlukahlukene yoMthethosisekelo, umbhalo wesiNgisi yiwona osebenzayo.

Amalungiselelo esikhashana

ISheduli yesi-6 isebenza okuguqukeni lomthethosisekelo omusha osungulwe yilo Mthethosisekelo, kanye nakunoma yiluphi udaba olungavela mayelana naleyo nguquko.

Ukupheliswa kwemithetho

Imithetho ephawulwe kuSheduli yesi 7 iphelisiwe, ngokulandelwa kwesigaba sama 243 kanye noSheduli yesi 6.

Isihloko esifushane kanye nokuqala ukusebenza

(1) Lo Mthetho ubizwa ngokuthi uMthethosisekelo WeRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika, we 1996, futhi uqala ukusebenza masishane ngokusemandleni ngosuku olubekwe nguMongameli ngokwesimemezelo, olungenakuba usuku olungemuva komhla zi 1 Julayi 1997.

(2) UMongameli angabeka izinsuku ezahlukene ngaphambi kosuku olushiwo esigatshaneni soku (1), mayelana nokuhlinzekela okwehlukene kwezimiso zoMthethosisekelo.

(3) Ngaphandle kwalapho kuhloswe ukuthi kwehluke, ukuphawula ngesimiso soMthethosisekelo esikhathini uMthethosisekelo oqale ukusebenza ngaso kufanele kuthathwe njengokubhekisa esikhathini leso simiso esaqala ukusebenza ngaso.

(4) Uma noma yisiphi isimiso esithile soMthethosisekelo sibekelwe usuku olwehlukile ngokwesigatshana sesi (2), noma yisiphi isimiso esihambelana nesoMthethosisekelo WaseNingizimu Afrika we 1993 (uMthetho wama-200 we 1993), ophawulwe esimemezelweni uyapheliswa ukusuka ngosuku olufanayo.

(5) Isigaba sama 213, sama 214, sama 215, sama 216, sama-218, sama 226, sama 227, sama 228, sama 229 nesama 230 zizoqala ukusetshenziswa mhla zi 1 Januwari 1998, kodwa lokhu akushiyi ngaphandle ukumiswa ngokwalo Mthethosisekelo komthetho ocatshangwa kunoma yiziphi lezi zimiso ngaphambi kwalolo suku. Kuze kube yilolo suku noma yiziphi izimiso ezihambisanayo nezenzeka ngenxa yokuthile zoMthethosisekelo WeRephabliki YaseNingizimu Afrika, we 1993, ziyaqhubeka nokusebenza.

The post Isahluko 14: izimiso ezixubile appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 13: izimali
IZIMALI

Isahluko 13

Okuphathene nezimali ngokubanzi

Isikhwama seMali sikaZwelonke

(1) Kunesikhwama Semali Sikazwelonke okufakwa kuso yonke imali kanye nemali etholwe nguhulumeni kazwelonke, okufanele ikhokhwe, ngaphandle kwemali eshiywe ngaphandle ngumthetho wePhalamende.

(2) Imali ingakhishwa esiKhwameni Semali Sikazwelonke kuphela –

(a) ngokuthi ibekwe eceleni ngokoMthetho Wephalamende; noma

(b) njengemali ebekelwe umsebenzi othile ikhishwa esiKhwameni Semali Sikazwelonke, uma ihlinzekelwe kuMthethosisekelo noma kuMthethweni Wephalamende.

(3) Ingxenye elingene yemali yezifundazweni evela ezimalini zikazwelonke ikhishwa ngqo esiKhwameni Semali Kazwelonke.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 213: umhla zi 1 Januwari 1998.]

Ukwabiwa ngokulingana kanye nokwabiwa kwezimali

(1) UMthetho Wephalamende kufanele uhlinzekele –

(a) ukwehlukaniswa ngokulingana kwezimali eziqoqwe ezweni lonke Phakathi kwemikhakha kahulumeni kazwelonke, yezifundazwe nohulumeni basekhaya;

(b) ukutholwa kwendlela egculisayo yokunquma ngokulinganayo ubungako bengxenye yemali etholwa yisifundazwe ngasinye esabelweni sesifundazwe saleyo mali; kanye

(c) nanoma yikuphi okunye ukwabiwa okuya kohulumeni bezifundazwe, basekhaya noma komasipala, kuvela esabelweni semali sikahulumeni kazwelonke, kanye nanoma yiziphi izimo okungenzelwa phezu kwazo lokho kwabiwa.

(2) UMthetho oshiwo kusigatshaneni soku-(1) ungashaywa kuphela ngemuva kokubonisana nohulumeni besifundazwe, ohulumeni basekhaya abahlelekile kanye neKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso, futhi kwabhekisiswa noma yisiphi isincomo seKhomishani; futhi kufanele ubhekele –

(a) izidingo zezwe;

(b) noma iyiphi imibandela okufanele yenziwe mayelana nesikweletu sezwe kanye nezinye izibopho zikazwelonke;

(c) izidingo nezintshisekelo zikahulumeni kazwelonke, ezitholakele ngokuthi kusetshenziswe imigomo engathathi hlangothi;

(d) isidingo sokuqinisekisa ukuthi izifundazwe nomasipala bayakwazi ukufeza izidingongqangi nokwenza imisebenzi abayabelwe;

(e) amandla ezezimali kanye nokusebenza ngekhono kwezifundazwe nomasipala;

(f) izidingo zokuthuthukiswa nezinye izidingo zezifundazwe, zohulumeni basekhaya kanye nomasipala;

(g) ukwehluka kwezimo zomnotho kuzifundazwe naphakathi kwezifundazwe;

(h) izibopho zezifundazwe nomasipala ngokomthetho kazwelonke;

(i) ukufuneka kokwabiwa kwezabelo zemali ezisimeme nezilindelekile; kanye

(j) nesidingo sokungaqinisi izintamo uma kubhekwana nezimo eziphuthumayo noma ezinye izidingo zesikhashana, kanye namanye amaphuzu esekelwe kuzimo ezifanayo.

[Usuku lokuqala kwesigaba sama 214: umhal zi 1 Januwari 1998.]

Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala

(1) Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala kanye nezinqubo zokwabiwa kwezimali kufanele zigqugquzelele ukusebenzela obala, ukuphenduleka, kanye nokuphathwa kwezimali okunempumelelo kwezomnotho, kwezikweletu kanye nomkhakha womphakathi.

(2) Umthetho kazwelonke kufanele ubeke imiyalo –

(a) uhlobo izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe nezomasipala okufanele uhlobo izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe nezomasipala okufanele lube yilona;

(b) ngokuthi izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe noma zendawo kufanele zethulwe nini; kanye

(c) nokuthi izabelozimali emkhakheni ngamunye kahulumeni kufanele zibonise ukuthi izimali zivelaphi nokuthi izindleko ezihlongozwa zizohambisana ngayiphi indlela nomthetho kazwelonke.

(3) Isabelozimali nagsinye emkhakheni kahulumeni ngamunye kufanele siqukathe –

(a) izilinganiso zezimali ezizotholwa nezizosetshenziswa ezehlukanisa Phakathi kwezindleko zesikhthi eside kanye nezindleko eziqhubekayo;

(b) iziphakamiso zokuthi izikweletu noma yikuphi ukuntuleka kwemali okulindelekile kuzokhokhwa kanjani kuleso sikhathi okuzobe kwenzeka ngaso; kanye

(c) nokukukhombisa izinhloso mayelana nokwebolekwa kwemali nezinye izinhlobo zezikweletu zomphakathi ezizokwandisa izikweletu zomphakathi onyakeni olandelayo.

[Usuku lokuqala kwesigaba sama 215: umhla zi 1 Januwari 1998.]

Ukulawulwa kwezimali zombuso

(1) Umthetho kazwelonke kufanele umise ihhovisi likazwelonke lokugcina izimali zombuso bese ubeka izindlela zokuqinisekisa kokubili ukusebenza ngendlela esobala kanye nokulawulwa kokusetshenziswa kwezimali emkhakheni ngawunye kahulumeni, ngokuthi wethule –

(a) izindlela zokugcinwa kwama-akhawunti ezijwayelekile njengezamukeliwe zokubika ngezimali;

(b) izigaba imali esetshenziselwa zona ngokufanayo mayelana nokusetshenziswa kwemali; kanye

(c) nemigomo nezilinganiso ezifanayo mayelana nezimali zombuso.

(2) Ihhovisi likazwelonke lezimali zombuso kufanele liphoqelele ukulandelwa kwezinyathelo ezisungulwe ngokwesigatshana soku (1), futhi lingavimba ukwedluliselwa kwezimali engxenyeni yombuso uma ngabe leyo ngxenye yombuso yephule lezo zinyathelo ngendlela embi kakhulu noma elokhu iphindaphindwa.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 5(a) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

(3) Isinqumo sokumisa ukwedluliswa kwezimali okufanele zitholwe yisifundazwe ngokwesigaba sama 214(1) (b) singathathwa kuphela ngaphansi kwezimo eziphawulwe esigatshaneni sesi (2), futhi –

(a) asinakumisa ukwedluliswa kwemali isikhathi esingaphezulu kwezinsuku eziyi-120; futhi

(b) singaphoqelelwa ngokushesha, kodwa sizophela kusukela esikhathini esedlule ngaphandle uma iPhalamende lisemukela kulandela uhlelo olufana kakhulu nalolo olumiswe ngokwesigaba sama 76(1) futhi lwamiswa yimitheshwana nemiyalo ehlanganyelwe yePhalamende. Lolu hlelo kufanele lwenziwe luqedwe kungakapheli izinsuku ezingama-30 senziwe isinqumo sehhovisi likazwelonke lezimali zombuso.

[Isigatshana sesi (3) sichibiyelwe yisigaba sesi 5(b) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

(4) IPhalamende lingasivuselela isinqumo sokumisa ukwedluliswa kwemali zingeqi izinsuku eziyi 120 ngasikhathi ngasinye, ngemuva kokulandela uhlelo olubekwe ngokwesigatshana sesi (3).

(5) Ngaphambi kokuthi iPhalamende lemukele noma livuselele isinqumo sokumisa ukwedluliselwa kwezimali esifundazweni –

(a) uMcubunguli Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele anikeze iPhalamende umbiko; futhi

(b) isifundazwe kufanele sinikwe ithuba lokuziphendulela ngalokho esethweswe icala ngakho, futhi sibeke udaba lwaso phambi kwekomiti.

Impahla nemisebenzi ekhokhelwa ngezimali zikahulumeni

(1) Uma ingxenye yombuso emkhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma wasekhaya, noma iyiphi enye inhlangano evezwe emthethweni kazwelonke, ungena ezivumelwaneni mayelana nempahla noma imisebenzi, kufanele zikwenze lokhu ngokuhambisana nohlelo olungenzeleli, olulinganayo, olusobala, olufanele nolungabizi.

(2) Isigatshana soku (1) asizivimbeli izingxenye zombuso noma izikhungo okubhekiswe kuzo kuleso sigatshana ukuthi zisebenzise inqubomgomo yokutholwa kwempahla noma wokwenziwa kwemisebenzi ehlinzekela –

(a) izigaba ezinconywayo kunezinye lapho kwabiwa izivumelwano ezenziwayo; kanye

(b) nokuvikelwa noma ukuthuthukiswa kwabantu noma izigaba zabantu, ababekwe esimweni esingesihle ngenxa yobandlululo.

(3) Umthetho kazwelonke kufanele ubeke uhlaka okufanele kwenzelwe ngaphakathi kwalo inqubomgomo ephawulwe ezigatshaneni sesi (2).

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 6 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

Iziqinisekiso zikahulumeni

(1) Uhulumeni kazwelonke, uhulumeni wesifundazwe noma umasipala anganikeza isiqinisekiso ngemali etshelekwayo kuphela uma isiqinisekiso sihambisana nanoma yimiphi imibandela ebekwe emthethweni kazwelonke.

(2) Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa kuphela ngemuva kokuthi noma yiziphi izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso sezicutshunguliwe.

(3) Minyaka yonke, uhulumeni ngamunye kufanele ashicilele umbiko ngeziqinisekiso azinikile.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 218: umhla zi 1 Januwari 1998.]

Ukukhokhelwa kwabantu abasezikhundleni zikahulumeni

(1) UMthetho Wephalamende kufanele umise uhlaka lokunquma –

(a) ngamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu esiGungu Sikazwelonke, izithunywa ezisezikhundleni unomphela zoMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, zamalungu eKhabhinethi, zamaPhini oNgqongqoshe, zabaholi bendabuko kanye nezamalungu anoma yimiphi imikhandlu yabaholi bendabuko; kanye

(b) nokubeka umkhawulo ongenakweqiwa ngamaholo, izibonelelo noma izinzuzo zamalungu ezishayamthetho zezifundazwe, zamalungu emiKhandlu ePhethe kanye namalungu eMikhandlu Yomasipala bezinhlobo ezahlukene.

(2) Umthetho kazwelonke kufanele umise ikhomishani ezimele yokwenza izincomo mayelana namaholo, izibonelelo kanye nezinzuzo eziphawulwe esigatshaneni soku (1).

(3) IPhalamende lingemukela umthetho ophawulwe esigatshaneni soku (1) kuphela ngemuva kokucubungula nanoma yiziphi izincomo ezenziwe yiKhomishani emiswe njengoba kushiwo esigatshaneni sesi (2).

(4) Abaphethe kuzwelonke, abaphethe esifundazweni, umasipala noma yisiphi esinye isiphathimandla bangasebenzisa umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1), kuphela ngemuva kokucubungula noma yisiphi isincomo esenziwe yiKhomishani emiswe ngokwesigatshana sesi (2).

(5) Umthetho kazwelonke kufanele umise izinhlaka zokunquma ngamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamajaji, zoMvikeli Womphakathi, zoMcubunguli Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kanye nezamalungu anoma iyiphi iKhomishani ehlinzekelwe kuMthethosisekelo, kumbandakanya isiphathimandla sezokusakaza esiphawulwe esigabeni se 192.

IKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso

Ukumiswa nokusebenza kwayo

(1) KuneKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso YeRiphabhuliki eyenza izincomo ezicatshangwayo kulesi Sahluko, noma emthethweni kazwelonke, izethule ePhalamende, kuzishayamthetho zezifundazwe kanye nakunoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezibekwe ngumthetho kazwelonke.

(2) IKhomishani izimele futhi ilawulwa kuphela nguMthethosisekelo nangumthetho, futhi kufanele ingachemi.

(3) IKhomishani kufanele isebenze ngokoMthetho Wephalamende futhi, ekwenzeni imisebenzi yayo, kufanele icubungule wonke amaphuzu athintekayo, kumbandakanya lawo asihlwini olusesigabeni sama 214(2).

Ukuqokelwa esikhundleni nesikhathi sesikhundla samalungu

(1) IKhomishani yakhiwe yilaba bantu besifazane nabesilisa abalandelayo abaqokelwe esikhundleni nguMongameli, njengenhloko yabaphethe kuzwelonke –

(a) Usihlalo kanye nephini likasihlalo;

(b) abantu abathathu abakhethwe, ngemuva kokubonisana noNdunankulu, ohlwini olwenziwe ngokuhambisana nenqubo ebekwe ngumthetho kazwelonke;

(c) abantu ababili abakhethwe, ngemuva kokubonisana nohulumeni basekhaya abahlelekile, ohlwini olwenziwe ngohambisna nenqubo ebekwe ngumthetho kazwelonke; kanye

(d) nabanye abantu ababili.

[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 7(a) soMthetho Wesihlanu Wokuchibiyela

uMthethosisekelo we 1999] futhi yaphinda yathathwa yisigaba sesi 7(a) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

(1A) Umthetho kazwelonke okubhekiswe kuwo esigatshaneni soku (1) kufanele ubonelele ukubamba iqhaza –

(a) koNdunankulu ekwenziweni kohlu olucatshangwa esigatshaneni soku-(1)

(b); kanye

(b) nokukahulumeni wasekhaya ohlelekile ekwenziweni kohlu oluhlongozwa esigatshaneni soku (1)(c).

[Isigatshana soku (1A) sifakwe yisigaba sesi 7(b) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

(2) Amalungu eKhomishani kufanele abenolwazi obufanele.

(3) Amalungu asebenza ezikhundleni ngokomthetho kazwelonke. UMongameli angasusa ilungu esikhundleni ngezizathu zokungaziphathi kahle, zokungakwazi ukwenza umsebenzi ngenxa yesimo esithile noma zokungawazi umsebenzi.

Imibiko

IKhomishani kufanele inikeze imibiko ngezikhathi ezibekiwe ePhalamende nakuzishayamthetho zezifundazwe.

IBhange Elikhulu Lesizwe

Ukumiswa

IBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika liyibhange elikhulu laseRiphabhuliki futhi lilawulwa ngokoMthetho Wephalamende.

Inhloso ebalulekile

(1) Inhloso ebalulekile yeBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika ukuvikela intengo yemali ukuze kuqinisekiswe ukukhula komnotho okungantengantengi nokuqhubekayo eRiphabhuliki.

(2) IBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika, ekufezeni inhloso yalo ebalulekile, kufanele lenze imisebenzi yalo ngokuzimela nangaphandle kokwesaba, ukukhetha noma ukujivaza, kodwa kufanele kube nokubonisana njalo phakathi kweBhange nelungu leKhabhinethi elibheke ezezimali zikazwelonke.

Amandla nemisebenzi

Amandla nemisebenzi yeBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika yileyo evame ukusetshenziswa futhi yenziwe ngamabhange amakhulu, nekufanele imiswe nguMthetho Wephalamende futhi kufanele isetshenziswe noma yenziwe ngokwemibandela ebekwe ngokwalowo Mthetho.

IziNdaba Eziphathelene Nezezimali Zesifundazwe Nezendawo

IsiKhwama seziMali zesiFundazwe

(1) KunesiKhwama Sezimali Zesifundazwe sesifundazwe ngasinye okufanele kufakwe kuso zonke izimali ezitholwe nguhulumeni wesifundazwe, ngaphandle kwemali eshiywe ngaphandle ngokufanele ngokwalo Mthetho Wephalamende.

(2) Imali ingakhishwa esiKhwameni Semali Sesifundazwe kuphela –

(a) ngokuthi ithathwe ngokoMthetho wesifundazwe; noma

(b) njengemali ebezelwe umsebenzi othile kusiKhwameni Semali Sesifundazwe, uma ihlinzekelwe kuMthethosisekelo noma kumthetho wesifundazwe.

(3) Izimali ezabiwe ngokusebenzisa isifundazwe ziya kuhulumeni wasekhaya kuleso sifundazwe, ngokwesigaba sama 214(1), zikhishwa ngqo esiKhwameni Semali saleso sifundazwe.

(4) Umthetho kazwelonke unganquma ngohlaka okumele kusetshenzelwe ngaphakathi kwalo ukuthi –

(a) uMthetho wesifundazwe ngokwesigatshana sesi (2)(b) ungagunyaza ukuba kukhishwe imali njengemali ebibizwa ngqo kusiKhwama Semali Sesifundazwe; kanye

(b) nemali eyabiwe ngesifundazwe yanikwa uhulumeni wasekhaya kuleso sifundazwe ngokwesigatshana sesi (3) kufanele ikhokhelwe omasipala kuleso sifundazwe.

[Isigatshana sesi (4) singezwe yisigaba sesi 8 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama-226: umhla zi 1 kuMasingana 1998.]

Imithombo kazwelonke yezimali zesifundazwe nezikahulumeni wasekhaya

(1) Uhulumeni wasekhaya nesifundazwe ngasinye –

(a) banelungelo lokuthola ingxenye egculisayo yemali eqoqwe kuzwelonke ukuze bakwazi ukuhlinzekela izidingo zomphakathi nokwenza imisebenzi abayabelwe; futhi

(b) bangathola okunye ukwabiwa okuqhamuka emalini kahulumeni kazwelonke, okungabekelwa izimiso noma kungabinazimiso.

(2) Izimali ezingaphezulu eziqoqwe yizifundazwe noma ngomasipala zingesuswe engxenyeni yabo yemali eqoqwe ngokukazwelonke, noma kokunye ukwabiwa abakuthole ezimalini zikahulumeni kazwelonke. Ngokulinganayo, uhulumeni kazwelonke akaphoqwe yilutho ukuba anxephezelise izifundazwe noma omasipala abangaqoqi izimali ezilingana nezimali ezingaqoqwa noma izintela ezingakhokhwa.

(3) Ingxenye yemali egculisayo yesifundazwe eqoqwe kuzwelonke kufanele yedluliselwe kusifundazwe ngokushesha futhi kungazange kubanjwe zimali kuyo, ngaphandle kwalapho ukwedluliswa kumiswe ngokwesigaba sama 216.

(4) Isifundazwe kufanele sizihlinzekele ngokwaso noma yiziphi izinto esizidingayo, ngokokuhlinzeka komthethosisekelo waso wesifundazwe, ezingaphezulu kwezidingo ezihlongozwe kuMthethosisekelo.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 227: umhla zi 1 Januwari 1998.]

Izintela zesifundazwe

228 .(1) Isishayamthetho sesifundazwe singabeka –

(a) izintela, izimali ezikhokhewa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile, ngaphandle kwentela yeholo, intela efakwa enanini lentengo yokuthile, intela eyejwayelekile kokuthengiswayo, intela yomhlaba nezakhiwo noma intela yemikhiqizo yakwamanye amazwe; kanye

(b) nemali eyinani elingaguquki ehlawuliswa ngaphezu kwanoma iyiphi intela, imali ekhokhelwa okuthile noma imali ekhokhelwa izimpahla ezithile ebekwe ngumthetho kazwelonke, ngaphandle kwezimali zezintela ezivela emalini etholwa ngezohwebo, emalini efakwa enanini lentengo yokuthile, intela yomhlaba nezakhiwo noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe.

[Indima (b) indawo yayo ithathwe yisigaba sesi 9 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela

uMthethosisekelo we 2001.]

(2) Amandla esishayamthetho sesifundazwe okubeka izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu –

(a) awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi

(b) kufanele alawulwe ngokoMthetho Wephalamende, ongashaywa kuphela ngemuva kokucutshungulwa kwanoma yiziphi izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 228: umhla zi 1 Januwari 1998.]

Amandla nemisebenzi yesikhwama sezimali sikamasipala

(1) Ngokwesigatshana sesi (2), sesi (3) kanye nesesi 4), umasipala angahlawulisa –

(a) intela yempahla umuntu anayo kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu ezimalini ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe noma owenziwe egameni likamasipala; futhi

(b) uma egunyazwe ngumthetho kazwelonke, angabeka ezinye izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile ezifanele uhulumeni waskhaya noma uhlobo lukahulumeni wasekhaya okungena ngaphansi kwalo lowo masipala, kodwa akunamasipala ovunyelwe ukubeka intela yeholo, intela efakwa enanini lentengo yezinto, intela ejwayelekile yokuthengiswayo noma intela yemikhiqizo evela kwamanye amazwe.

(2) Amandla kamasipala okuhlawulisa izintela empahleni yabantu, izimali ezihlawuliswa ngaphezulu kwezimali ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe noma owenziwe egameni likamasipala, noma ezinye izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile noma izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile zemikhiqizo evela kwamanye amazwe –

(a) awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi

(b) angalawulwa ngumthetho kazwelonke.

(3) Uma omasipala ababili benamandla afanayo ngokwesikhwama sombuso nangokwemisebenzi emayelana nendawo efanayo, ukwabiwa ngendlela efanele kwalawo mandla nemisebenzi kufanele kwenziwe ngokomthetho kazwelonke. Ukwabiwa kungenziwa kuphela ngemuva kokuqashelwa kwale migomo elandelayo –

(a) Isidingo sokuhambisana nemigomo ezwakalayo yokukhwa kwentela;

(b) Amandla nemisebenzi eyenziwa ngumasipala ngamunye;

(c) Ubungako besikhwama sombuso sikamasipala ngamunye;

(d) Ukusebenza ngempumelelo nangekhono lokwenziwa kokuhlawuliswa kwezintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile.

(e) Ukulingana.

(4) Akukho lutho kulesi sigaba okuvimbela ukwabelana ngemali etholwe ngokwalesi sigaba phakathi komasipala abanamandla phezu kwesikhwama sombuso kanye nemisebenzi kuleyo ndawo.

(5) Umthetho kazwelonke ocatshangwa kulesi sigaba ungamiswa kuphela ngemuva kokubonisana nohulumeni wasekhaya kanye neKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso, futhi uma sekucutshungulwe noma yisiphi isincomo seKhomishani.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 229: umhla zi 1 Januawari 1998.]

Imali ebolekwa yisifundazwe

(1) Isifundazwe singaboleka izimali zokuhlangabeza izindleko ezingaveli njalo nezezindleko eziqhubekayo ngokomthetho kazwelonke, kodwa imali ebolekelwa izindleko eziqhubekayo ingabolekwa kuphela uma kunesidingo sokuvala lapho kunokuntula khona onyakeni othile wezimali. (2) Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso ezicutshunguliwe.

[Isigaba sama 230 indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

Imali ebolekwa ngumasipala

230A. (1) UMkhandlu Kamasipala, ngokulandela umthetho kazwelonke –

(a) ungabolekela umasipala izimali zokuhlangabezana izindleko ezingaveli njalo nezezindleko eziqhubekayo, kodwa imali ebolekelwa izindleko eziqhubekayo ingabolekwa kuphela uma kunesidingo sokuvala lapho kunokuntula khona onyakeni othile wezimali; futhi

(b) ungazibophezela wona kanye noMkhandlu wakusasa ekusetshenzisweni kwegunya lawo lomthetho nelokuphatha ukutholela umasipala izimali ezibolekwayo noma ukumtshalela izimali.

(2) Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso sezicutshunguliwe.

[Isigaba sama 230A sifakwe yisigaba se 17 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

The post Isahluko 13: izimali appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 12: abaholi bendabuko
ABAHOLI BENDABUKO

Isahluko 12

Ukuvunywa

(1) Isikhungo, izinga kanye neqhaza elibanjwa ngubuholi bendabuko, njengoba kubekwa ngumthetho wamasiko, kuyavunywa, kuphela uma kuhambisana noMthethosisekelo.

(2) Umbuso wendabuko olandela uhlelo lomthetho wamasiko ungasebenza kuphela ngokwanoma yimuphi umthetho osetshenziswayo kanye namasiko, ombandakanya ukuchibiyelwa noma ukuqedwa kwalowo mthetho noma amasiko.

(3) Izinkantolo kufanele zisebenzise imithetho yamasiko uma lowo mthetho kuyiwona usebenza, kuye ngokoMthethosisekelo kanye nanoma yimuphi umthetho ophathelene ngqo nomthetho wamasiko.

Iqhaza eibanjwa ngabaholi bendabuko

(1) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela iqhaza lobuholi bendabuko, njengesikhungo ezingeni lendawo ezindabeni ezithinta imiphakathi yendawo.

(2) Ukuze kubhekanwe nezindaba eziphathelene nobuholi bendabuko, iqhaza labaholi bendabuko, umthetho wamasiko kanye namasiko emiphakathi elandela uhlelo lomthetho wamasiko –

(a) umthetho kazwelonke noma wesifundazwe ungahlinzekela ukumiswa kwezindlu zabaholi bendabuko; futhi

(b) umthetho kazwelonke ungamisa umkhandlu wabaholi bendabuko.

The post Isahluko 12: abaholi bendabuko appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 11: amaziko ezokuphepha
AMAZIKO EZOKUPHEPHA

Isahluko 11

Imigomo ebusayo

Imigomo elandelayo yengamela ukuphepha kwezwe eRiphabhuliki –

(a) Ukuphepha kwezwe kufanele kubonise ukuzinikela kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, njengabantu ngabanye futhi nanjengesizwe, ukuphilisana njengabantu abalinganayo, ngokuthula nokuzwana, ngokungasabi kanye nokufuna impilo engcono.

(b) Ukuzinikela ekuphileni ngokuthula nangokuthula nangokuzwana kuvimbela wonke umuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ukuthi abambe iqhaza empini, ngaphakathi ezweni noma namanye amazwe, ngaphandle kwalapho kunokwenzeka khona njengokuhlinzeka koMthethosisekelo noma umthetho kazwelonke.

(c) Ukuphepha kwezwe kufanele kuqikelelwe ngendlela ehambisana nomthetho, kumbandakanya umthetho wamazwe ngamazwe.

(d) Ukuphepha kwezwe kulawulwa yiPhalamende nomkhandlu ophathe kuzwelonke.

Ukumiswa, ukuhleleka nokuziphatha kwezikhungo zezokuphepha

(1) Izikhungo zokuphepha zeRiphabhuliki zakhiwe ngumbutho wokuvikela owodwa, umbutho wamaphoyisa owodwa kanye namaziko obunhloli amiswe ngokoMthethosisekelo.

(2) Umbutho wezokuvikela yiwona wodwa umbutho ohlomile osemthethweni eRiphabhuliki.

(3) Ngaphandle kwamaziko okuphepha amiswe ngokoMthethosisekelo, izinhlangano noma amaziko ahlomile, zingamiswa kuphela ngokusho komthetho kazwelonke.

(4) Amaziko okuphepha kufanele akhiwe futhi aqhutshwe ngokomthetho kazwelonke.

(5) Amaziko okuphepha kufanele enze, futhi kufanele afundise abuye aphoqelele amalungu awo ukuba enze izinto,ngendlela ehambisana nokushiwo nguMthethosisekelo nomthetho, kumbandakanya umthetho ongamasiko wamazwe ngamazwe kanye nezivumelwano zamazwe ngamazwe ezibophezela iRiphabhuliki.

(6) Akukho lungu lanoma yiliphi iziko lokuphepha elivunyelwe ukulandela umyalo ophambene ngokusobala nomthetho.

(7) Amaziko okuphepha, noma yinoma yimaphi amalungu awo, awanakwenza imisebenzi yawo ngendlela –

(a) ekhinyabeza izinjongo zeqembu lezombusazwe elisemthethweni ngokoMthethosisekelo; noma

(b) eqhuba, ngendlela eqhuba izinjongo zeqembu lezombusazwe elithile.

(8) Ukuze kufezeke imigomo yokusebenzela obala neyokuziphendulela, amakomiti asePhalamende amele amaqembu amaningi kufanele aqaphe konke ukwenza kwamaziko ezokuphepha ngendlela equnywe ngumthetho kazwelonke noma imitheshwana noma imiyalo yePhalamende.

Ezokuvikela

Umbutho wezokuvikela

(1) Umbutho wokuvikela kufanele uhleleke futhi uphathwe njengombutho ohlomile onokuzithiba.

(2) Injongo ebalulekile yombutho wokuvikela ukuvikela nokukhusela iRiphabhuliki, ukuhlonishwa kwemingcele yayo kanye nabantu bayo ngokwemigomo yomthetho wamazwe ngamazwe olawula ukusetshenziswa kwamandla.

Izibopho ngokwezombusazwe

(1) Ilungu leKhabhinethi kufanele libheke ukuvikela.

(2) NguMongameli kuphela, njengehloko yomkhandlu ophethe, ongagunyaza ukuqashwa kombutho wezokuvikela –

(a) ngokubambisana nombutho wamaphoyisa;

(b) ngenhloso yokuvikela iRiphabhuliki; noma

(c) ngokufeza isibopho samazwe ngamazwe.

(3) Uma iziko lezokuvikela liqashwa nganoma iyiphi inhloso eshiwo kusigatshana sesi (2), uMongameli kufanele azise iPhalamende, ngokushesha futhi abike imininingwane efanele –

(a) ngezizathu zokusetshenziswa kombutho wezokuvikela;

(b) nganoma yiziphi izindawo lapho umbutho usetshenziswa khona;

(c) ngenani labantu elithintekayo; kanye

(d) nangesikhathi okulindelwe ukuthi umbutho uzosetshenziswa ngaso.

(4) Uma iPhalamende lingahlangani ezinsukwini zokuqala eziyisikhombisa ngemuva kokuqokwa kombutho wezokuvikela njengokucatshangwa esigatshaneni sesi (2), uMongameli kufanele anikeze ulwazi oludingekile kusigatshana sesi (3) ekomitini eliqaphayo elifanele.

Ukukhuzwa kombutho wokuvikela

(1) UMongameli, njengenhloko ephethe ezweni unguMkhuzi oMkhulu wombutho wezokuvikela, futhi kufanele aqokele esikhundleni abaKhuzi Bempi bombutho wezokuvikela.

(2) Ukukhuzwa kwombutho wezokuvikela kufanele kwenziwe ngendlela ehambisana nokuyalela kwelungu leKhabhinethi elibhekene nezokuvikela, ngaphansi kokugunyazwa nguMongameli.

Isimo sezokuvikelwa kwezwe

(1) UMongameli njengenhloko ephethe ezweni angakhipha isimemezelo sokuthi kunesimo sokuvikela izwe, futhi kufanele azise iPhalamende ngokushesha futhi anikeze imininingwane efanele –

(a) ngezizathu zesimemezelo;

(b) nganoma iyiphi indawo lapho kusetshenziswa khona umbutho; kanye

(c) nangenani labantu abathintekayo.

(2) Uma lingahlangene iPhalamende ngesikhathi kumenyezelwa isimo sokuvikela izwe, uMongameli kufanele abizele iPhalamende emhlanganweni ongejwayelekile zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa senziwe isimemezelo.

(3) Isimemezelo sesimo sokuvikela izwe siyaphela ngaphandle kwalapho semukelwe yiPhalamende zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa senziwe.

Abasebenzela ukuvikela umphakathi abangamalungu omphakathi

Kufanele umthetho kazwelonke umise iziko labasebenzela ezokuvikela bengewona amalungu ombutho kodwa bengamalungu ajwayelekile omphakathi, azosebenza ngaphansi kwelungu leKhabhinethi elibheke ezokuvikela.

Amaphoyisa

Iziko lezamaphoyisa

(1) Iziko lezamaphoyisa likazwelonke kufanele lihleleke ngendlela yokuba lisebenze emikhakheni kazwelonke, eyezifundazwe futhi, lapho kufanele, ezingxenyeni zohulumeni basekhaya.

(2) Umthetho kazwelonke kufanele umise amandla nemisebenzi yeziko lamaphoyisa futhi uvumele amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo ngendlela enempumelelo, enaka isidingo zezifundazwe.

(3) Izinjongo zeziko lezamaphoyisa ukuvimbela, ukulwisa nokuphenya ubelelesi, ukugcina ukuthula emphakathini nokuvikela nokuphephisa abahlali baseRiphabhuliki nempahla yabo, kanye nokuphakamisa nokuphoqelela umthetho.

Izibopho ngokwezombusazwe

(1) Ilungu leKhabhinethi kufanele libheke ukwenziwa komsebenzi wobuphoyisa, futhi kufanele linqume inqubomgomo kazwelonke yomsebenzi wobuphoyisa ngemuva kokubonisana nohulumeni bezifundazwe nangokuqaphela izidingo zobuphoyisa kanye nezidingongqangi zezifundazwe ngokwesinqumo sabaphethe isifundazwe.

(2) Inqubo yobuphoyisa kazwelonke ingabekela izinqubomgomo ezehlukene imibandela mayelana nezifundazwe ezahlukene ngemuva kokucabangela izidingo zobuphoyisa kanye nezidingongqangi zalezo zifundazwe.

(3) Isifundazwe ngasinye sinelungelo –

(a) lokuqapha ukuziphatha kwamaphoyisa;

(b) lokubeka iso ekusebenzeni ngempumelelo kweziko lamaphoyisa , kumbandakanya nokwemukela imibiko ngeziko lamaphoyisa;

(c) lokuthuthukisa ubudlelwane obuhle phakathi kwamaphoyisa nomphakathi;

(d) lokubhekisisa impumelelo yokwenza umsebenzi wamaphoyisa ngokusobala; kanye

(e) nelokuxhumana nelungu leKhabhinethi elibhekene nomsebenzi wobuphoyisa mayelana nobelelesi kanye nokusebenza kwamaphoyisa esifundazweni.

(4) Abaphethe esifundazweni banesibopho sokubheka imisebenzi yobuphoyisa –

(a) egunyazwe yilesi Sahluko;

(b) egunyazwe ngokomthetho kazwelonke; kanye

(c) nabayabelwe ngokwenqubomgomo kazwelonke yezamaphoyisa.

(5) Ukuze isifundazwe sikwazi ukwenza imisebenzi ebekwe kusigatshana sesi (3) –

(a) singacubungula, noma siqoke ikhomishani yophenyo, nganoma yiziphi izikhalo zokungasebenzi ngokugculisa kwamaphoyisa noma ukunqamuka kobudlelwane phakathi kwamaphoyisa kanye nanoma yimuphi umphakathi; futhi

(b) kufanele senze izincomo elungwini leKhabhinethi elibheke ezamaphoyisa.

(6) Ngemuva kokwamukela kwesikhalo esifakwe ngabaphethe isifundazwe, inhlangano yezamaphoyisa ezimele yezikhalo emiswe ngumthetho kazwelonke kufanele iphenye noma yikuphi ukungaziphathi kahle okusolwayo, noma icala okusolwa ukuthi lenziwe, yilungu labasebenzela amaphoyisa esifundazweni.

(7) Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzeke ngohlaka lokwakhiwa, lamandla, lemisebenzi kanye nokulawulwa komsebenzi wamaphoyisa kamasipala.

(8) Ikomiti elakhiwe ngamalungu eKhabhinethi kanye namalungu oMkhandlu Omkhulu obheke umsebenzi wamaphoyisa kufanele lakhiwe ukuze kuqikelelwe ukusebenza ngempumelelo kwamaphoyisa kanye nokubambisana okuyimpumelelo neminye imikhakha kahulumeni.

(9) Isishayamthetho sesifundazwe singadinga ukuthi ukhomishani wesifundazweavele ngaphambi kwaso noma kunoma yiliphi elinye lamakomiti aso ukuphendula imibuzo.

Ukulawulwa kweziko lamaphoyisa

(1) UMongameli njengenhloko yabaphethe kuzwelonke kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengoKhomishani Kazwelonke wamaphoyisa, ukuze alawule futhi aphathe amaphoyisa.

(2) UKhomishani kaZwelonke kufanele alawule futhi aphathe amaphoyisa ngendlela ehambisana nemigomo kazwelonke yokwenza umsebenzi wamaphoyisa kanye neziyalelo zelungu leKhabhinethi elibhekene nomsebenzi wobuphoyisa.

(3) UKhomishani Kazwelonke, ngokuvumelana nabaphethe isifundazwe, kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengokhomishani waleso sifundazwe, kodwa uma uKhomishani Kazwelonke kanye nabaphethe isifundazwe behluleka ukuvumelana ngokuqoka lowo muntu, ilungu leKhabhinethi elibhekene nomsebenzi wamaphoyisa kufanele lilamule phakathi kwamaqembu ezombusazwe.

(4) OKhomishani besifundazwe banesibopho kwezamaphoyisa ezifundazweni zabo –

(a) njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke; kanye

(b) nangokuhlonipha amandla kaKhomishana Kazwelonke okulawula nokuphatha umsebenzi wamaphoyisa njengokusho kwesigatshana sesi (2).

(5) UKhomishani wesifundazwe kufanele abike kusishayamthetho sesifundazwe minyaka yonke ngomsebenzi wobuphoyisa esifundazweni, futhi kufanele athumele ikhophi yombiko kuKhomishani Kazwelonke.

(6) Uma ukhomishani wesifundazwe engasabethembi abaphethe isifundazwe, labo baphathi bangamisa inqubo efanele yokususa noma ukushintshwa, noma ukuthathela izinyathelo zoqondisa izigwegwe, lowo khomishani, ngokulandela umthetho kazwelonke.

Abasebenzela amaphoyisa bengamalungu omphakathi

Kufanele kumiswe iziko labasebenzela amaphoyisa abangamalungu omphakathi, ngomthetho kazwelonke ukuthi basebenze ngokuyalelwa yilungu leKhabhinethi elibheke umsebenzi wobuphoyisa.

Ubunhloli

Ukumiswa nokulawulwa kwemisebenzi yobunhloli

(1) Noma yimiphi imisebenzi yobunhloli, ngaphandle kwengxenye yobunhloli engaphansi kombutho wezokuvikela, ingamiswa kuphela nguMongameli, njengenhloko ephethe kuzwelonke, futhi kuphela njengokusho komthetho kazwelonke.

(2) UMongameli njengenhloko ephethe kuzwelonke kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengenhloko yezomsebenzi ngamunye wobunhloli, omiswe ngokwesigatshana soku-(1), futhi kufanele athathe isibopho ngokwezombusazwe mayelana nokulawulwa nokuyalelwa kwanoma yimiphi yale misebenzi noma aqoke ilungu leKhabinethi okuyilona elizothatha leso sibopho.

Amandla, imisebenzi kanye nokuqapha

Umthetho kazwelonke kufanele ulawule izinjongo, amandla kanye nemisebenzi yobunhloli, kumbandakanya nanoma iluphi uphiko lobunhloli lombutho wezokuvikela noma wezamaphoyisa, futhi kufanele uhlinzekele –

(a) ukuqondaniswa kwayo yonke imisebenzi yobunhloli; kanye

(b) nokuqaphelwa kwamalungu omphakathi kwezenzo zaleyo misebenzi yenhloli eqokelwe esikhundleni nguMongameli, njengenhloko ephethe kuzwelonke, futhi kwamukelwe ngesinqumo sePhalamende esesekwe yivoti lamalungu amabili kwamathathu okungenani.

The post Isahluko 11: amaziko ezokuphepha appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 10: ukuphathwa kwemisebenzi yombuso
UKUPHATHWA KWEMISEBENZI YOMBUSO

Isahluko 10

Imigomo nokwamukelwa njengokulungile okuyisisekelo okulawula ukuphatha kombuso

(1) Ukuphatha kombuso kufanele kuhanjiswe ngendlela eyamukelekile njengelungile nangemigomo equkethwe kuMthethosisekelo, kuhlanganisa imigomo elandelayo –

(a) kufanele kukhuthazwe futhi kugcinwe izinga eliphezulu lenkambiso elungileyo emisebenzini eyenziwayo;

(b) kufanele kukhuthazwe ukusetshenziswa kwemithombo ngendlela ekhombisa ikhono, eyongayo nenomphumela omuhle;

(c) Umsebenzi wokuphathwa kombuso, kufanele uphokophele ukuthuthukisa;

(d) Imisebenzi kufanele ihlinzekelwe ngokungakhethi, ngobuqotho, ngokulingene nangaphandle kokwenzelela;

(e) Izidingo zabantu kufanele zibonelelwe, futhi umphakathi kufanele ukhuthazwe ukuthi ubambe iqhaza lapho kwenziwa imigomo;

(f) Umbuso kufanele ukwazi ukubikela umphakathi ngendlela ophethe ngayo;

(g) Ukusebenza kombuso ngokusobala kufanele kukhuthazwe ngokuhlinzekela umphakathi ngolwazi olutholakala ngokushesha, nokuyilona;

(h) Kufanele kukhuthazwe amakhono okuphatha kahle abantu kanye nokuthuthukiswa kwemisebenzi efundelwe, ngenhloso yokuthi abantu benze imisebenzi yezinga eliphezulu;

(i) Ukuphatha umbuso kufanele kumele bonke abantu baseNingizimu Afrika, nezinkambiso zokuqasha nokuphatha abasebenzi kufanele zesekelwe ekukhoneni, ukungakhethi hlangothi, ukungenzeleli, kanye nasesidingweni sokuqeda ukulingalingani kwesikhathi esedlule ukuze kufinyeleloswe ukumelwa okubanzi kwabantu.

(2) Le migomo engenhla isebenza kokulandelayo–

(a) ukuphatha kuyo yonke imikhakha kahulumeni;

(b) ezingxenyeni zombuso; kanye

(c) nakumabhizinisi kaHulumeni.

(3) Umthetho kaZwelonke kufanele uqiniseke ukukhuthazwa kwalokho okulungile nemigomo ebalulwe kusigatshana soku (1).

(4) Ukuqokwa emsebenzini kaHulumeni kwenani labantu ngokuhambisana nemigomo akuvinjelwe, kodwa umthetho kazwelonke kufanele ulawule lokho kuqokwa emisebenzini yombuso.

(5) Umthetho olawula ukuphatha kombuso ungehlukanisa phakathi kwemikhakha eyahlukene, iminyango ephethe noma izikhungo.

(6) Uhlobo nemisebenzi yemikhakha ehlukene, yeminyango ephethe noma izikhungo zokuphathwa kwezombuso ngamaphuzu afanele okufanele acatshangwe emthethweni olawula ukuphathwa kwemisebenzi yombuso.

IKhomishani Ephethe Imisebenzi Kahulumeni

(1) Kukhona iKhomishani eyodwa Ephethe Imisebenzi Kahulumeni yeRiphabhuliki.

(2) IKhomishani izimele futhi kufanele ingakhethi, futhi kufanele isebenzise Amandla ayo ibuye yenze imisebenzi yayo ngaphandle kokwesaba, ukubonelela noma ukubandlulula ngenhloso yokugcina ukuphatha ngempumelelo nangendlela esebenza kahle kanye nezinga eliphakeme lenkambiso elungileyo emsebenzini womphakathi. IKhomishani kufanele ilawulwe ngumthetho kazwelonke.

(3) Ezinye izingxenye zombuso, ngokusebenzisa umthetho nezinye izinyathelo, kufanele zelekelele futhi zivikele iKhomishani ukuqinisekisa ukuzimela, ukungachemi, isithunzi kanye nokusebenza ngempumelelo kweKhomishani. Akekho umuntu noma ingxenye yombuso engaphazamisa ukusebenza kweKhomishani.

(4) Amandla kanye nemisebenzi yekhomishani –

(a) ukugqugquzela okuthathwa njengokulungile nemigomo ebekwe esigabeni se 195, kuyo yonke imisebenzi kahulumeni;

(b) ukuphenya, ukuqapha nokuhlaziya inhlangano nokuphatha, kanye nokwenziwa ngabasebenzi, kwemisebenzi kahlumeni;

(c) ukuphakamisa izinyathelo zokuqinisekisa ukwenziwa komsebenzi ngempumelelo nakangcono emsebenzini kahulumeni;

(d) ukukhombisa ukuhloswe ukuqinisekisa ukuthi izinqubo ezilandelwayo ngabasebenzi eziphathelene nokuqasha, ukudlula kwabasebenzi baye kwezinye izindawo, ukukhushulwa ezikhundleni kanye nokuxoshwa kwabasebenzi ziyahambisana nokuthathwa njengokungile kanye nemigomo ebekwe esigabeni se 195;

(e) ukubika mayelana nemisebenzi yayo kanye nokwenziwa kwemisebenzi, kumbandakanya noma yikuphi ekutholile kanye nezinkomba nezeluleko engazinikeza, futhi ihlinzekele ukuhlaziywa ukuthi okuthathwa njengokulungile nemigomo ebekwe esigabeni se-195 ilandelwe yini; kanye

(f) nangokuthanda kwayo noma ngokuvela kwezikhalo –

(i) icubungule ibuye ihlaziye izicelo zabasebenzi kanye nezinkambiso zokuphetha umbuso kanye nokubika kusiphathimandla esiphethe kanye nakusishayamthetho;

(ii) icubungule izikhalo zabasebenzi ngomsebenzi kahulumeni eziphathelene nokwenziwa yiziphathimandla noma amaphutha, kanye nokwenza izincomo ezifanele ngezixazululo;

(iii) ukuqapha nokuphenya ukulandelwa kwezinqubo ezisebenza emisebenzini kahulumeni; futhi

(iv) yeluleke izingxenye zombuso zikazwelonke nezezifundazwe mayelana nezenzo zabasebenzi emsebenzini wombuso, kumbandakanya nalokho okuhambisana nokuqasha, ukuqokelwa ezikhundleni, ukushintshelwa kwenye indawo, ukuxoshwa kanye neminye iminxa yemisebenzi yabaqashwa emsebenzini kahulumeni.

(g) ukusebenzisa noma ukwenza amandla noma imisebenzi eyengeziwe ebekwe nguMthetho wePhalamende.

[Indima (g) ingezwe yisigaba sesi 3 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]

(5) IKhomishani ibikela iPhalamende ngokusebenza kwayo.

(6) IKhomishani kufanele ibike okungenani kanye ngonyaka njengoba kubhalwe kusigatshana sesi (4)(e) –

(a) ePhalamende; futhi

(b) namayelana nekwenzayo esifundazweni, kusishayamthetho saleso sifundazwe.

(7) IKhomishani inokhomishani abayi 14 abaqokwe nguMongameli –

(a) Okhomishani aba 5 abavunywe yiPhalamende ngokwesigatshana sesi (8)(a); kanye

(b) nokhomishani oyedwa ngesifundazwe ngasinye oqokwe nguNdunankulu wesifundazwe ngokwesigatshana sesi (8)(b).

(8) (a) Ukhomishani oqokwe ngokwesigatshana sesi (7)(a) kufanele –

(i) aphakanyiswe yikomiti lesiGungu elakhiwe ngamalungu azo zonke izinhlangano ezimelwe kusiGungu; futhi

(ii) avunywe yisiGungu ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi lamalungu aso.

(b) Ukhomishani oqokwe nguNdunankulu wesifundazwe kufanele –

(i) aphakanyiswe yikomiti lesishayamthetho sesifundazwe elakhiwe ngamalungu azo zonke izinhlangano ezimelwe kusishayamthetho; futhi

(ii) avunywe yisishayamthetho ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi lamalungu aso.

(9) UMthetho wePhalamende kufanele wakhe inqubo elandelwayo yokuqasha okhomishani.

(10) Ukhomishani uqokelwa isikhathi esiyiminyaka emihlanu, esivuselelwa isikhathi esisodwa kuphela, kanti kufanele abe ngowesifazane noma owesilisa –

(a) oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika; futhi

(b) ongumuntu ophilile futhi okulungele ukuqokwa onolwazi, noma ongumakadebona, ekulawulweni, ekuphatheni nasekuhlinzekweni kwezidingo zomphakathi.

(11) Ukhomishani angasuswa esikhundleni sakhe kuphela –

(a) ngenxa yokuziphatha kabi, ukungabi sesimweni sokusebenza noma ukungasebenzi ngendlela efanele;

(b) ngenxa yokuthathwa kwesinqumo ngalokho yikomiti lesiGungu Sikazwelonke noma, uma kungukhomishani oqokwe nguNdunankulu wesifundazwe, yikomiti lesishayamthetho laleso sifundazwe; kanye

(c) ngokuvunywa yiPhalamende noma yisishayamthetho sesifundazwe esithintekile, kwesiphakamiso esesekwe ngamavoti eningi lamalungu aso efuna kususwe esikhundleni ukhomishani.

(12) UMongameli kufanele asuse esikhundleni ukhomishani lapho –

(a) iPhalamende livuma isiphakamiso esithi ukhomishani lowo akasuswe esikhundleni; noma

(b) kunesaziso esibhalwe phansi nguNdunankulu esamukelwe yisishayamthetho sokuthi kususwe ukhomishani.

(13) Okhomishani okuphawulwe ngabo kusigatshana sesi (7)(b) bangasebenzisa amandla futhi benze imisebenzi yeKhomishani ezifundazweni zabo njengoba kubekiwe emthethweni kazwelonke.

Abasebenzi bakaHulumeni

(1) Ngaphakathi kokuphathwa kombuso kukhona abasebenzi beRiphabhuliki, okufanele basebenze, bahlelwe, ngokwezimiso zomthetho kazwelonke, futhi benze ngokwethembeka ekwenzeni izinqubomgomo ezisemthethweni kahulumeni wangaleso sikhathi.

(2) Izimiso nemibandela yokuqashwa emsebenzini kahulumeni kufanele ilawulwe ngumthetho kazwelonke. Abasebenzi banelungelo lokuthola impesheni efanele njengoba ilawulwa ngumthetho kazwelonke.

(3) Akukho muntu osebenzela uhulumeni okufanele avunwe noma abandlululwe ngenxa yokuthi lowo muntu weseka iqembu noma inkolelo ethile yezombusazwe.

(4) Ohulumeni bezifundazwe babhekene nokufuna abasebenzi, ukuqasha, ukukhushulwa ezikhundleni, ukushintshela kwenye indawo umsebenzi kanye nokuxosha amalungu abasebenzi bakahulumeni emahhovisi okuphatha ngaphakathi kohlaka lwemigomo efanayo namazinga asetshenziswayo kubasebenzi bakahulumeni.

The post Isahluko 10: ukuphathwa kwemisebenzi yombuso appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 9: izikhungo zombuso ezeseka umthethosisekelo wentando yeningi
IZIKHUNGO ZOMBUSO EZESEKA UMTHETHOSISEKELO WENTANDO YENINGI

Isahluko 9

Ukumiswa nemigomo ephethe

(1) Lezi zikhungo ezilandelayo zisiza ekuqiniseni umbuso wentando yeningi eRiphabhuliki –

(a) UMvikeli Womphakathi.

(b) IKhomishani YaseNingizimu Afrika Yamalungelo Esintu.

(c) IKhomishani Yokuthuthukiswa Nokuvikelwa KwamaLungelo Amasiko, Enkolo Nezilimi Zemiphakathi.

(d) IKhomishani Yokulingana Ngokobulili.

(e) UMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso.

(f) IKhomishani Yokhetho.

(2) Lezi zikhungo zizimele futhi zisebenza kuphela ngokulandela uMthethosisekelo nomthetho, futhi kufanele zingathathi hlangothi futhi kufanele zisebenzise amandla ezinikwe wona ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela, nokukhetha.

(3) Ezinye izingxenye zombuso, ngokusebenzisa imithetho nangezinye izinyathelo, kufanele zelekelele futhi zivikele lezi zikhungo ukuze kuqinisekiswe ukuzimela, ukungathathi cala, isithunzi kanye nokusebenza kwazo ngendlela efanele.

(4) Akukho muntu futhi akukho ngxenye yombuso okufanele igxambukele ekusebenzeni kwalezi zikhungo.

(5) Lezi khungo ziphendula kusiGungu Sikazwelonke futhi kufanele zethule imibiko ngokusebenza kwazo okungenani kanye ngonyaka kusiGungu.

Imisebenzi Yomvikeli Womphakathi

(1) UMvikeli Womphakathi unamandla, njengoba elawulwa ngumthetho kazwelonke –

(a) okuphenya nganoma yisiphi isenzo ezindabeni zezwe, noma ekuphathweni kwemisebenzi yomphakathi kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, okuthiwa noma okusolelwa ukuthi asilungile noma esingaba nomphumela ongalungile noma onokwenzelela;

(b) okunika umbiko ngaleso senzo; kanye

(c) nawokuthatha izinyathelo ezifanele zokusilungisa.

(2) UMvikeli Womphakathi unamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke.

(3) UMvikeli Womphakathi akanakuphenya izinqumo zenkantolo.

(4) Umvikeli Womphakathi kufanele akwazi ukufinyelelwa yibo bonke abantu nemiphakathi.

(5) Umbiko okhishwe nguMvikeli Womphakathi abantu kufanele bavunyelwe ukuba bawubone ngaphandle kwalapho kunezimo ezithile ezingavamile, eziyonqunywa ngumthetho kazwelonke nezidinga ukuba umbiko ugcinwe uyimfihlo.

Isikhathi sesikhundla

UMvikeli Womphakathi uqokelwa isikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa esingavuselelwa.

Ikhomishani YaseNingizimu Afrika YamaLungelo Esintu

Imisebenzi Yekhomishani Yamalungelo Esintu

(1) IKhomishani YaseNingizimu Afrika Yamalungelo Esintu kufanele –

(a) ikhuthaze ukuhlonishwa kwamaLungelo esintu nesiko lamalungelo obuntu;

(b) ikhuthaze ukuvikelwa, ukuthuthukiswa nokutholakala kwawamaLungelo esintu; futhi

(c) iqaphe futhi ihlole izinga lokuhlonishwa kwamaLungelo esintu eRiphabhuliki.

(2) IKhomishani YaseNingizimu Afrika Yamalungelo Esintu inamandla, njengoba ilawulwa ngumthetho kazwelonke, adingekile okwenza imisebenzi yayo, kumbandakanya amandla –

(a) okuphenya nokubika ngokuhlonishwa kwamaLungelo esintu;

(b) okuthatha izinyathelo ezifanele zokunikeza ukunxeshezelwa okufanele lapho kuhlukunyezwe amalungelo esintu;

(c) okwenza ucwaningo; kanye

(d) nawokufundisa.

(3) Minyaka yonke iKhomishani YaseNingizimu Afrika Yamalungelo Esintu kufanele ifune ukuthi izingxenye zombuso ezifanele zihlinzeke iKhomishani ngolwazi mayelana nezinyathelo ezizithathayo ukufeza amalungelo akuMqulu WamaLungelo Esintu athintene nezezindlu, ukunakekelwa kwezempilo, ukudla, amanzi, ezenhlalakahle yomphakathi, imfundo, kanye nendawo okuphilwa kuyo.

(4) IKhomishani Yamalungelo Esintu inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke.

IKhomishani Yokuthuthukiswa Nokuvikelwa KwamaLungelo Amasiko, Enkolo Nezilimi Zemiphakathi

Imisebenzi yeKhomishani

(1) Izinjongo ezisemqoka zeKhomishani Yokuthuthukiswa Nokuvikelwa KwamaLungelo Amasiko, Enkolo Nezilimi Zemiphakathi –

(a) ukukhuthaza ukuhlonishwa kwamaLungelo amasiko, enkolo nezilimi zemiphakathi;

(b) ukukhuthaza nokuthuthukiswa kokuthula, ubungane, ubuntu ukubekezelelana kanye nokubumbana kwesizwe phakathi kwemiphakathi enamasiko, nezinkolo nezilimi ezahlukene, phezu kwesisekelo sokulingana nokungabandlululani nokuhlangana ngokukhululeka; kanye

(c) nokuncoma ukumiswa nokwemukelwa, ngokuhambisana nomthetho kazwelonke, komkhandlu noma eminye imikhandlu yamasiko noma imikhandlu yomphakathi noma yemiphakathi eNingizimu Afrika.

(2) IKhomishani inamandla, njengoba kulawula umthetho kazwelonke, adingekayo ukuphumelelisa izinjongo zayo ezimqoka, kumbandakanya amandla okuqapha, okuphenya, okucwaninga, okufundisa, okukhankasela imibono ethile, okweluleka nawokubika mayelana namalungelo amasiko, enkolo nezilimi zemiphakathi.

(3) IKhomishani ingenza umbiko nganoma yiluphi udaba oluwela ngaphakathi kwamandla nemisebenzi yeKhomishani YaseNingizimu Afrika Yamalungelo ntu, ukuze luphenywe.

(4) IKhomishani inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke.

Ukwakheka kweKhomishani

(1) Inani lamalungu eKhomishani Yokuthuthukiswa Nokuvikelwa KwamaLungelo Amasiko, Enkolo Nezilimi Zemiphakathi nokuqokwa kwawo nesikhathi sokuba sesikhundleni kumelwe kumiswe ngumthetho kazwelonke.

(2) Ukwakheka kweKhomishana kufanele –

(a) kubonise ukumelwa kabanzi kwemiphakathi ebalulekile yamasiko, yezinkolo nezilimi eNingizimu Afrika; futhi

(b) kubonise kabanzi ukwakheka ngokobulili komphakathi waseNingizimu Afrika.

IKhomishani Yokulingana Ngokobulili

Imisebenzi yeKhomishana yokuLingana ngokoBulili

(1) IKhomishani Yokulingana Ngokobulili kufanele ikhuthaze ukuhlonishwa kokulingana ngokobulili kanye nokuvikelwa, ukuthuthukiswa nokuphumelelisa ukulingana ngokobulili.

(2) IKhomishani Yokulingana Ngokobulili inamandla, ngokulawulwa ngumthetho kazwelonke, adingekayo ukuze yenze imisebenzi yayo, kuhlanganisa Amandla okuqapha, ukuphenya, ukucwaninga, ukufundisa, ukukhankasela, ukweluleka nokubika ngezindaba ezithinta ukulingana ngokobulili.

(3) IKhomishani Yokulingana Kobulili inamandla nemisebenzi eyengeziwe, njengoba kumiswe ngumthetho kazwelonke.

UMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso

Imisebenzi yoMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso

(1) Umcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele acubungule futhi anikeze imibiko mayelana nokusetshenziswa kwezimali, isimo samabhuku ezimali kanye kuphathwa kwezimali –

(a) kwayo yonke iminyango nemisebenzi yombuso kazwelonke nowezifundazwe;

(b) yabo bonke omasipala; kanye

(c) neyanoma iyiphi enye inhlangano noma abantu abanesibopho sokuphendula okudingekayo ukuthi bacutshungulwe nguMcubunguli Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso, ngokomthetho kazwelonke noma wesifundazwe.

(2) Ngaphezulu kwezibopho ezibekwe kusigatshana soku (1), kanye nangokwanoma yimuphi umthetho, uMcubunguli Mabhuku Jikelele angacubungula futhi anikeze umbiko ngokusetshenziswa kwezimali, isimo samabhuku ezimali kanye nokuphathwa kwezimali –

(a) kwanoma iyiphi inhlangano ethola imali esiKhwameni Sezimali Sikazwelonke, esiKhwameni Sezimali Zesifundazwe, noma kumasipala; noma

(b) kwanoma iyiphi inhlangano egunyazwe ngokusho kwanoma yimuphi umthetho ukuba yemukele izimali ezizosetshenziselwa izinjongo zomphakathi.

(3) UMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele anikeze imibiko yokucutshungulwa kwanoma yisiphi isishayamthetho esithintekayo ngalokho kucubungula, futhi nakunoma iyiphi enye inhlangano ephethe ebekwe ngumthetho kazwelonke. Yonke imibiko kufanele ivezelwe umphakathi.

(4) UMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso unamanye Amandla nemisebenzi ayinikezwe ngumthetho kazwelonke.

Isikhathi sesikhundla

UMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele aqokelwe esikhundleni isikhathi esimile, esingenakuvuselelwa seminyaka ephakathi kweyisihlanu neyishumi.

IKhomishani Yokhetho

Imisebenzi yeKhomishani yoKhetho

(1) IKhomishani yoKhetho kufanele –

(a) iphathe ukhetho lwezinhlangano zokushaya imithetho zikazwelonke, zezifundazwe kanye nezomasipala, njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke;

(b) iqinisekise ukuthi ukhetho lolo lukhululekile futhi luyagculisa; futhi

(c) imemezele umphumela wokhetho lolo singakapheli isikhathi okufanele simiswe ngumthetho kazwelonke futhi nesifushane ngendlela efanelekile.

(2) IKhomishani Yokhetho inamandla nemisebenzi eyengeziwe ebekwe ngumthetho kazwelonke.

Ukwakhekha kweKhomishani Yokhetho

IKhomishani Yokhetho kufanele yakhiwe okungenani ngabantu abathathu. Inani lamalungu kanye nesikhathi abazoba sesikhundleni ngaso kufanele kubekwe ngumthetho kazwelonke.

IsiPhathimandla Esizimele Esilawula Ukusakaza

IsiPhathimandla Sokusakaza

Umthetho kazwelonke kufanele umise isiphathimandla esizimele esizolawula ukusakaza ngokwezidingo zomphakathi, futhi siqinisekise imibono elungile neyehlukahlukene emele kabanzi umphakathi waseNingizimu Afrika.

Izimiso ezejwayelekile

Ukuqokelwa ezikhundleni

(1) UMvikeli Womphakathi kanye namalungu anoma iyiphi iKhomishani emiswe ngokwalesi Sahluko kufanele kube ngabesifazane nabesilisa –

(a) abayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika;

(b) abakulungele nabakufanele ukuphatha isikhundla ehhovisi elithile; futhi

(c) bahambisana nanoma iziphi izidingo ezimiswe ngumthetho kazwelonke.

(2) Isidingo sokuthi iKhomishani imiswe ngalesi Sahluko ukubonisa kabanzi ukwakheka ngokobulili nangokobuzwe komphakathi waseNingizumu Afrika kufanele siqashelwe uma kuqokwa amalungu.

(3) Umcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele kube umuntu wesifazane noma wesilisa oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika okulungele nokufanele ukuphatha leso sikhundla. Ulwazi olukhethekile kanye, noma ukuthi umuntu uke wasebenza yini njengomcubunguli wamabhuku ezemali, lwezimali zombuso, kufanele kunakwe ngendlela efanele uma kuqokelwa esikhundleni uMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso.

(4) UMongameli, ngokulandela isincomo sePhalamende, kufanele aqokele esikhundleni uMvikeli Womphakathi, uMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso, kanye namalungu –

(a) eKhomishani Yaseningizimu Afrika Yamalungelo Esintu;

(b) eKhomishani Yokulingana Ngobulili ; kanye

(c) neKhomishani Yokhetho.

(5) IsiGungu Sikazwelonke kufanele siphakamise izincomo ngabantu –

(a) amagama abo aphakanyiswe yikomiti lesiGungu elakhiwe ngamalungu awo wonke amaqembu amelwe esiGungwini; futhi

(b) abemukelwe yiPhalamende ngesinqumo esithathwe ngokwesekwa amavoti –

(i) okungenani angamaphesenti angama 60 amalungu ePhalamende, uma izincomo ziphathelene nokuqashwa koMvikeli womphakathi noma uMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali; noma

(ii) eningi lamalungu ePhalamende, uma isincomo siphathelene nokuqashwa kwelungu leKhomishani.

(6) Ukubamba iqhaza komphakathi ekwenzeni izincomo kungahlinzekelwa njengoba kulindelwe esigabeni sama 59(1)(a).

Ukususwa esikhundleni

(1) UMvikeli Womphakathi, uMcubunguli-Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso noma umuntu oyilungu leKhomishani omiswe yilesi Sahluko bangasuswa esikhundleni kuphela –

(a) ngezizathu zokungaziphathi kahle, ukungakwazi ukusebenza noma ukungawenzi ngendlela umsebenzi;

(b) uma ikomiti loMkhandlu lithole kukhona leso simo; kanye

(c) ngokwemukelwa kwesiGungu Sikazwelonke kwesinqumo sokuthi lowo muntu asuswe esikhundleni.

(2) Isinqumo sesiGungu Sikazwelonke esiphathelene nokususwa esikhundleni –

(a) koMvikeli Womphakathi noma uMcubunguli Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele sivunywe ngokwesekwa okungenani ngamavoti ababili kwabathathu amalungu esiGungu; noma

(b) kweselungu leKhomishani kufanele sivunywe ngokwesekwa ngamavoti eningi

lamalungu esiGungu.

(3) UMongameli –

(a) angammisa umuntu esikhundleni okwesikhashana noma yinini ngemuva kokuqala kwezinyathelo zekomiti lesiGungu Sikazwelonke esiphathelene nokususwa kwalowo muntu esikhundleni; futhi

(b) kufanele amsuse esikhundleni umuntu ngemuva kokuthathwa kwesinqumo sokususwa kwalowo muntu esikhundleni yisiGungu Sikazwelonke.

The post Isahluko 9: izikhungo zombuso ezeseka umthethosisekelo wentando yeningi appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 8: izinkantolo nokuphathwa kwezobulungiswa
IZINKANTOLO NOKUPHATHWA KWEZOBULUNGISWA

Isahluko 8

Igunya lokuphatha umthetho

(1) Igunya lokuphathwa komthetho waseRiphabhuliki libekwe ezinkantolo.

(2) Izinkantolo zizimele, futhi zisebenza ngokuholwa kuphela nguMthethosisekelo nomthetho, okufanele ziwusebenzise ngokungavuni hlangothi futhi ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela noma ukukhetha.

(3) Akukho muntu noma ingxenye yombuso okufanele iphazamise ukusebenza kwezinkantolo.

(4) Izingxenye zombuso, kufanele zisize futhi zivikele izinkantolo ukuze ziqinisekise ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi, ukufinyeleleka kanye nokusebenza ngendlela efanele kwezinkantolo, ngokusebenzisa umthetho nezinye izinyathelo.

(5) Umyalo noma isinqumo esikhishwe yinkantolo sibopha bonke abantu kanye nezingxenye zombuso ezithintekile.

(6) Ijaji Elikhulu liyinhloko yezobulungiswa futhi liqhuba umsebenzi wokusungula nokuqapha inkambiso namazinga okuqhuba imisebenzi yezobulungiswa ezinkantolo zonkana.

[Isigatshana sesi (6) singezwe ngesigaba soku 1 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

Uhlelo lwezinkantolo

Izinkantolo yilezi –

(a) iNkantolo Yomthethosisekelo;

(b) iNkantolo Enkulu okwedluliselwa kuyo amacala;

(c) iziNkantolo Ezinkulu zaseNingizimu Afrika, kumbandakanya noma iyiphi inkantolo enkulu yokwedlulisela amacala engamiswa nguMthetho Wephalamende ukuze iqule amacala adlulisiwe avela eziNkantolo ezisezingeni elifanayo neleziNkantolo Eziphakeme zaseNingizimu Afrika;

(d) iziNkantolo Zomantshi; kanye

(e) nanoma yiziphi ezinye izinkantolo ezimisiwe noma ezamukelwe ngokoMthetho Wephalamende, kumbandakanya noma yiziphi izinkantolo ezisezingeni elifanayo neleziNkantolo Eziphakeme zaseNingizimu Afrika noma iziNkantolo Zomantshi.

[Isigatshana (c) no (e) ziguqulwe ngesigaba sesi 2 soMthetho weshumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

Inkantolo yoMthethosisekelo

(1) INkantolo Yomthethosisekelo yakhiwe nguMongameli Wamajaji aseNiningizimu Afrika, iPhini Likamongameli Wamajaji kanye namanye amajaji ayisishiyagalolunye.

[Isigatshana soku-(1) indawo yaso ithathwe yisigaba se-11 soMthetho Weshumi Nanye Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]

(2) Udaba oluphammbi kweNkantolo Yomthethosisekelo kufanele lwethanyelwe ngamajaji ayisishiyagalombili okungenani.

(3) INkantolo Yomthethosisekelo –

(a) iyinkantolo ephakeme eRiphabhuliki; futhi

(b) inganquma

(i) ngezindaba zomthethosisekelo, kanye

(ii) nangezinto izindaba, uma iNkantolo yoMthethosisekelo ikhipha imvume yokulidlulisa ngesizathu sokuthi lolo daba liveza impikiswano kwezomthetho emphakathini ngokujwayelekile okufanele lubhekwe ileyo Nkantolo, futhi

(c) ithatha isinqumo esingujuqu mayelana nokuthi ngabe udaba luwudaba olungaphansi kwegunya layo.

[Isigatshana sesi (3) siguqulwe ngesigaba sesi 3 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

(4) YiNkantolo Yomthethosisekelo kuphela –

(a) enganquma ngezingxabano ezingaba khona phakathi kwezingxenye zombuso zikazwelonke noma zesifundazwe eziphathelene nesimo ngokomthethosisekelo, amandla noma imisebenzi yanoma yiziphi lezo zingxenye zombuso;

(b) enganquma ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma yimuphi uMthethosivivinywa wephalamende noma wesifundazwe, kodwa ingakwenza lokho kuphela ezimweni ezilindelwe esigabeni sama-79 noma se-121;

(c) enganquma ngezicelo ezicatshangwa esigabeni sama-80 noma se-122;

(d) enganquma ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma yikuphi ukuchibiyela okwenziwe kuMthethosisekelo;

(e) enganquma ukuthi iPhalamende noma uMongameli behlulekile ukufeza isibopho somthethosisekelo; noma

(f) engaqinisekisa umthethosisekelo wesifundazwe ngokwesigaba se-144.

(5) INkantolo yoMthethosisekelo yenza isinqumo esingujuqu ngokuthi uMthetho Wephalamende, uMthetho wesifundazwe noma isenzo sikaMongameli siyahambisana yini nomthethosisekelo, futhi kufanele iqinisekise ukungasebenzi kwanoma yimuphi umyalo owenziwe yiNkantolo Enkulu Yokwedluliswa Kwamacala, yiNkantolo Ephakeme, noma yinkantolo yezinga elifanayo, ngaphambi kokuthi lowo myalo ube namandla athile.

[Isigatshana sesi –(5) siguqulwe ngesigaba sesi 3 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

(6) Umthetho kazwelonke noma imitheshwana yeNkantolo Yomthethosisekelo kufanele ivumele umuntu, uma kuzosebenzela ubulungiswa kanye nangemvume yeNkantolo Yomthethosisekelo –

(a) ukuthi ase udaba ngqo eNkantolo Yomthethosisekelo; noma

(b) ukuthi edlulisele udaba luqonde ngqo eNkantolo Yomthethosisekelo luvela kunoma iyiphi enye inkantolo.

(7) Udaba olumayelana nomthethosisekelo lumbandakanya noma yini ephathelene nokuhunyushwa, ukuvikelwa nokuphoqelelwa koMthethosisekelo.

INkantolo Enkulu Yamajaji yokwedluliswa kwamacala

(1) INkantolo Enkulu Yamajaji yokwedluliselwa kwamacala inoMongameli, iPhini likaMongameli kanye nenani lamajaji okweldulilselwa kwamacala elibekwe nguMthetho wePhalamende.

[Isigatshana soku-(1) indawo yaso ithathwe yisigaba se-12 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]

(2) Udaba oluphambi kweNkantolo Enkulu yokwedluliselwa kwamacala kufanele lunqunywe yinani lamajaji elishiwo nguMthetho Wephalamende.

[Isigatshana sesi-(2) indawo yaso ithathwe yisigaba se-12 soMthetho Wesithupha Wokuchibiy

(3) (a) INkantolo Enkulu yokwedluliselwa kwamacala, inganquma nganoma yiziphi izindaba ezedlulisiwe ezivela eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika noma enkantolo esezingeni elifanayo neleNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika, ngaphandle uma kuwudaba oluphathelene nomsebenzi noma nokuncintisana ngaleyo ndlela olunganqunywa ngoMthetho wePhalamende.

(b) Inkantolo Enkulu Yokudlulisa amacala inganquma kuphela —

(i) ngamacala edlulisiwe;

(ii) ngezinto eziphathelene nokwedluliswa kwamacala; kanye

(iii) nanganoma yiluphi olunye udaba olungabhekiswa kuyo ezimweni ezichazwe nguMthetho Wephalamende.

[Isigatshana sesi (3) siguqulwe ngesigaba sesi 4 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

IziNkantolo eziPhakeme zaseNingizimu Afrika

(1) INkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika inganquma –

(a) nganoma yiluphi udaba lomthethosisekelo ngaphandle kodaba –

(i) iNkantolo yoMthethosisekelo evumile ukululalela ngqo ngokwemigomo yesigaba se 167(6)(a); noma

(ii) olwabelwe enye inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika; futhi

(b) nanganoma yiluphi olunye udaba olungabelwe enye inkantolo nguMthetho Wephalamende.

(2) INkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika yakhiwe amaGatsha anqunywe ngoMthetho wePhalamende, lowo Mthetho okufanele uhlinzekele –

(a) ngokusungula amaGatsha, enezihlalo esisodwa noma ezingaphezulu kwesisodwa oeGatsheni; futhi

(b) ukuthwesa iGatsha igunya noma isihlalo eGatshani.

(3) IGatsha ngalinye leNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika –

(a) lineJaji Elingamele;

(b) lingaba naPhini leJaji Elingamele elilodwa noma angaphezulu kwelilodwa; futhi

(c) linelinye inani lamanye amajaji anqunywe ngokwemigomo yomthetho kazwelonke.

[Isigaba 169 siguqulwe ngesigaba sesi 5 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

Ezinye izinkantolo

Zonke izinkantolo ngaphandle kwalezo ezivezwe esigabeni 167, 168, 169 zinganquma nganoma iluphi udaba olushiwo nguMthetho Wephalamende, kodwa izinkantolo ezisezingeni elingaphansi kweleNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika azivunyelwe ukucwaninga noma zibeke isinqumo ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma yimuphi umthetho noma isenzo sikaMongameli.

[Isigaba 170 siguqulwe ngesigaba sesi 6 soMthetho wesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

Izinqubo ezilandelwa yinkantolo

Zonke izinkantolo zisebenza ngokomthetho kazwelonke, futhi imitheshwana nezinqubo ezilandelwayo zazo kufanele zihlinzekelwe ngokomthetho kazwelonke.

Amandla ezinkantolo ezindabeni zomthethosisekelo

(1) Lapho yenza isinqumo odabeni lomthethosisekelo olusemandleni ayo, inkantolo –

(a) kufanele isho ukuthi noma yimuphi umthetho noma isenzo esingahambisani nomthethosisekelo awusebenzi ngokomthetho kuye ngezinga lokungahambisani kwalokho nomthethosisekelo; futhi

(b) ingenza noma yimuphi umyalo olungile nofanele, kumbandakanya –

(i) umyalo obeka umkhawulo wokusebenza kwesiphakamiso sokuphambana nomthetho esikhathini esedlule; kanye

(ii) nomyalo olengisa isiphakamiso sokuphambana nomthetho kwanoma yisiphi isikhathi futhi nanganoma yiziphi izimo, ukuze iziphethimandla ezifanele zilungise lelo phutha.

(2) (a) INkantolo Enkulu yokwedluliswa kwamacala, iNkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika noma inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo Ephakeme ingenza umyalo mayelana nokuthi uMthetho Wephalamende, uMthetho wesifundazwe kanye nanoma yisiphi isenzo sikaMongameli, kuyahambisana yini nomthethosisekelo, kodwa umyalo wokuthi okuthile akuhambisani nomthethosisekelo awukwazi ukusebenza ngaphambi kokuthi kuqinisekiswe yiNkantolo Yomthethosisekelo.

[ndima (a) iguqulwe ngesigaba sesi 7 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

(b) Inkantolo ekhipha umyalo mayelana nokungahambisani nomthethosisekelo ingenza isinqumo sesikhashana esinqanda noma esiphoqa ukuthi kwenziwe okuthile noma inike, noma yenze esinye isinqumo sesikhashana esingasiza othintekile odabeni, noma ingamisa ukuqhutshwa kodaba enkantolo, kuze kuphume isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo mayelana nokubasemthethweni kwalowo Mthetho noma isenzo.

(c) Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukwedluliselwa komyalo wokuthi okuthile akuhambisani nomthethosisekelo eNkantolo Yomthethosisekelo.

(d) Noma yimuphi umuntu noma ingxenye yombuso ethinteke ngokwanele ingedlulisela udaba eNkantolo Yomthethosisekelo noma ifake isicelo siqonde ngqo eNkantolo Yomthethosisekelo, ukuba iqinise noma iguqule umyalo wokuthi okuthile kuphambene nomthethosisekelo okhishwe yinkantolo ngokwalesi sigatshana.

Amandla avele akhona ezinkantolo

INkantolo Yomthethosisekelo, iNkantolo Enkulu yokwedlulisela amacala kanye neziNkantolo Eziphakeme zaseNingizimu Afrika ngayinye zinamandla avele akhona okuvikela nokulawula izinhlelo zazo, kanye nawokuthuthukisa umthetho ojwayelekile, kube kuqikelelwe izidingo zobulungiswa.

[Isigaba 173 siguqulwe ngesigaba sesi 8 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]

Ukuqokelwa ezikhundleni kwabehluleli basezinkantolo

(1) Noma yimuphi umuntu wesifazane noma wesilisa ofanele futhi ongumuntu okulungele ukuthi abe kulesi sikhundla angaqokwa njengomehluleli wasenkantolo. Noma yimuphi umuntu ozoqokelwa esikhundleni seNkantolo Yomthethosisekelo kufanele abeyisakhamuzi saseNingizimu Afrika.

(2) Isidingo sokuthi abehluleli basezinkantolo babonise kabanzi, ukwakheka kweNingizimu Afrika ngokobuhlanga nangokobulili kufanele sicatshangwe uma abehluleli basezinkantolo beqokelwa ezikhundleni.

(3) UMongameli, njengenhloko yabaphathi bakazwelonke, ngemuva kokubonisana neKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa nabaholi bamaqembu amelwe kusiGungu Sikazwelonke, uqoka uMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo nePhini Likamongameli Wamajaji Enkantolo Yomthethosisekelo futhi ngemuva kokubonisana neKhomishana Yemisebenzi Yobulungiswa, uqoka uMongameli kanye nePhini likaMongameli beNkantolo Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala.

[Isigatshana sesi-(3) indawo yaso ithathwe yisigaba se-13 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]

(4) Amanye amajaji eNkantolo Yomthethosisekelo aqokwa nguMongameli njengenhloko ephethe kuzwelonke, ngemuva kokubonisana noMongameli Wamajaji Enkantolo Yomthethosisekelo, kanye nabaholi bamaqembu amelwe kusiGungu Sikazwelonke elandela inqubo elandelayo:

(a) IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa, kufanele yenze uhlu lwamagama abantu abaphakanyisiwe lube namagama amathathu ngaphezu kwaleso sibalo sabantu abafanele baqokelwe ezikhundleni, bese elunikeza uMongameli loluhla.

(b) UMongameli angaqokela ezikhundleni abantu abasohlwini, futhi kufanele azise iKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa ngezizathu, uma kukhona abaphakanyisiwe abangemukelekile, futhi kusenesidingo sokuqokelwa kwabanye ezikhundleni.

(c) IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa, kufanele linezelele uhla ngamanye amagama aphakanyisiwe, futhi uMongameli kufanele aqoke laba abasele ohlwini olunezezelwe.

[Isigatshana sesi-(4) indawo yaso ithathwe yisigaba se-13 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]

(5) Ngazo zonke izikhathi, kufanele okungenani amalungu amane eNkantolo Yomthethosisekelo kube ngabantu ababengamaJaji ngesikhathi beqokelwa ukuba ngamaJaji Enkantolo Yomthethosisekelo.

(6) UMongameli kufanele aqoke amaJaji azo zonke ezinye izinkantolo, ngokuyalelwa yiKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa.

(7) Abanye abehluleli basezinkantolo kufanele baqokwe ngokoMthetho Wephalamende okufanele uqikelele ukuthi ukuqokwa kwabo, ukukhushulelwa ezikhundleni ezithe xaxa, ukushintshelwa kwenye indawo noma ukuxoshwa emsebenzini, noma ukuqondiswa kwezigwegwe, lokhu kwenziwa ngaphandle ngokuvuna abathile noma ukukhetha abathile.

(8) Ngaphambi kokuthi abehluleli basezinkantolo baqale ukwenza imisebenzi yabo kufanele bafunge noma benze isiqinisekiso ngokulandela lokho okushiwo kuSheduli yesi-2, ukuthi bazowuphakamisa bawuvikele uMthethosisekelo.

Amajaji angamabamba

(1) UMongameli angaqoka umuntu wesifazana noma wesilisa ukuba asebenze njengeJaji eliyibamba lePhini leJaji elinguMongameli noma leNkantolo Yomthethosisekelo uma kunesikhala kulawa mahhovisi, noma uma umuntu okuleso sikhundla engekho. Ukuqokwa kweJaji kufanele kwenziwe ngokulandela izincomo zelungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa ezenziwa ngokwesekwa nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo futhi ukuqokwa kwebamba lePhini leJaji elinguMongameli kufanele kwenziwe kumazinga amajaji ayeqokwe eNkantolo yoMthethosisekelo ngokwemigomo yesigaba 174(4).

(2) Ilungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa kufanele liqoke amaJaji angamabamba kwezinye izinkantolo ngemuva kokubonisana neJaji elisesikhundleni esiphezulu kuleyo nkantolo lapho iJaji eliyibamba lizosebenza khona.

[Isigatshana 175 siguqulwe ngesigaba sesi 9 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

Isikhathi sokuba sesikhundleni kanye nokukhokhelwa

(1) Amajaji eNkantolo Yomthethosisekelo aqokelwa isikhathi esingenakuvuselelwa esiyiminyaka eyi-12, noma kuze kufike lapho efika eminyakeni engama-70 yobudala, kwencike ekutheni yikuphi okufika kuqala, ngaphandle kwalapho uMthetho Wephalamende welula isikhathi sokuba sesikhundleni seJaji leNkantolo Yomthethosisekelo.

[Isigatshana soku-(1) indawo yaso ithathwe yisigaba se-15 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]

(2) Amanye amajaji ahlala ezikhundleni aze ayekiswe emsebenzini njengokusho koMthetho Wephalamende.

(3) Amaholo, izimali ezibonelela okuthile kanye nokusizakala okuyingxenye yeholo lamajaji akufanele kuncishiswe.

Ukususwa esikhundleni

(1) Ijaji lingasuswa esikhundleni kuphela uma –

(a) iKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa iithola ukuthi ijaji lehluleka kakhulu ukuwenza ngendlela umsebenzi walo, noma litholakale linecala elibi lokungaziphathi ngendlela efanele, futhi

(b) nesiGungu Sikazwelonke uthi ijaji lelo lisuswe esikhundleni, ngesinqumo esesekwa okungenani ngamalunga aso amabili kwamathathu.

(2) UMongameli kufuneka alisuse ijaji esikhundleni ngemuva kokwamukelwa kwesinqumo sokususwa kwalelo jaji.

(3) UMongameli ngokwelulekwa yiKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa, angalimisa emsebenzini okwesikhashana ijaji elithintekayo kulezo zinqubo ezishiwo kusigatshana soku-(1).

IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa

(1) IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa Yakhiwe –

(a) nguMongameli Wamajaji Enkantolo Yomthethosisekelo, elengamela imihlangano yeKhomishani;

(b) nguMongameli Wenkantolo Enkulu yokwedluliselwa kwamacala;

[Indima (b) indawo yayo ithathwe yisigaba se-16(a) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]

(c) iJaji eleNgamele isifundazwe elikhethwe ngamanye amaJaji eNgamele kwezinye izifundazwe;

(d) Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa kwezobulungiswa, noma umuntu okhethwe yilelo lungu ukuba alimele kwiKhomishani;

(e) abameli ababili bezinkantolo zamajaji abasebenzayo ngaleso sikhathi abaphakanyiswe ngabanye abameli basemaJajini ukuba bamele bonke abameli basemajajini, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;

(f) abameli ababili abakhethwe ngabanye abameli bakwezinye izinkantolo, ukuba bamele bonke laba bameli, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;

(g) umfundisi oyedwa wezomthetho okhethwe ngabafundisi bezomthetho kuziyunivesi zaseNingizimu Afrika;

(h) amalungu esiGungui Sikazwelonke ayisithupha aqokwe yisiGungu Sikazwelonke, okungenani abathathu kubona kufuneka kube ngamalungu amaqembu aphikisayo amelwe kusiGungu:

(i) amalungu amane oMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke aqokwe kanyekanye nguMkhandlu ngevoti lisekwe okungenani yizifunda eziyisithupha;

(j) amalungu amane aqokwe nguMongameli njengenhloko ephethe kaZwelonke ngemuva kokubonisana nabaholi bamaqembu wonke kusiGungu Sikazwelonke; kanye

(k) nalapho kucutshungulwa izindaba eziqondene neGatsha leNkantolo ethile ePhakeme eNingizimu Afrika iJaji Elengamele lelo Gatsha noNdunakulu waleso sifundazwe noma umuntu okhethwe nguNdunankulu waleso sifundazwe.

[Indima (k) indawo yayo ithathwe yisigaba sesi 2 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998 kanye nayisigaba se 16(b) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001 futhi kanye nangesigaba 10 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi2012.]

(2) Uma inani labantu abaphakanyiswe ngabameli basemajajini nabanye abameli ngokwesigatshana soku-(1)(e) noma (f) lilingana nezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli wezwe kufanele abaqokele ezikhundleni. Uma inani labantu abaphakanyisiwe leqile enanini lezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli kufanele aqoke abantu abaphakanyisiwe abalingana izikhala ngemuva kokubonisana nalowo mkhakha wabameli othintekayo, futhi kufanele aqikelele ukuthi laba abaqokwayo bawumele lowo mkhakha wabameli jikelele.

(3) Amalungu eKhomishani akhethwe uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke asebenza aze ashintshwe ewonke, noma kuze kuvele isikhala kuwona. Abanye abangamalungu eKhomishani basebenza kuyona baze bahoxiswe yilaba ababebaphakamisile.

(4) IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa inamandla nemisebenzi enikezwe yona nguMthethosisekelo nomthetho kazwelonke.

(5) IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa ingaluleka uhulumeni kazwelonke kunoma yiluphi udaba oluhambisana nobulungiswa noma nokuphathwa komthetho kodwa, uma icubungula noma yiluphi udaba ngaphandle kokuqokwa kweJaji, kufuneka ihlangane ngaphandle kwamalungu aqokwe njengokusho kwesigatshana soku-(1) (h) no-(i).

(6) IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa ingamisa izinqubo zayo, kodwa izinqumo zeKhomishana kufuneka zesekwe yiningi lamalungu ayo.

(7) IJaji Elikhulu noma uMongameli Wenkantolo Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala angakwazi ukusebenza kuKhomishani okwesikhashana, iPhini Lejaji Elikhulu noma iPhini Likamongameli Wenkantolo Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala, kulokho okuzobe kwenzeka, lizosebenza njengozolimela kuKhomishani.

[Isigatshana sesi-(7) singezwe yisigaba sesi-2(b) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-1998 futhi indawo yaso ithathwe sisigaba se-16(c) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]

(8) Umongameli kanye nabantu abaqoka, baphakamise noma bakhombe amalungu eKhomishani ngokwesigaba soku-(1) (c), (e), (f) noma (g), ngendlela efanayo bangaqoka, baphakamise noma bakhombe omunye ongangena esikhundleni selungu ngalinye, ukuba asebenze kuKhomishani njalo lapho ilungu elithenkile lingakwazi ukwenza njalo ngenxa yesizathu sokwehluleka noma sokungabikho eRiphabhuliki noma ngenxa yanoma yisiphi esinye isizathu esanele.

[Isigatshana sesi-(8) singezwe yisigaba sesi-2(b) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-1998]

IsiPhathimandla sezokushushisa

(1) Kukhona isigungu sezokushushisa esisodwa eRiphabhuliki esimiswe ngokoMthetho Kazwelonke, futhi esakhiwe yilaba –

(a) uMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi, oyinhloko yesigungu sezokushushisa, futhi uqokwa nguMongameli njengenhloko kazwelonke ephethe, kanye

(b) nabaQondisi Bezokushushiswa Komphakathi ababekwe nguMthetho Wephalamende.

(2) Isiphathimandla sezokushushisa sinamandla okushushisa egameni lombuso, nelokwenza noma yikuphi okuhambisana nokushushisa ukuze amacala athethiwe ezinkantolo.

(3) Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi abaQondisi Bezokushushiswa Komphakathi –

(a) banemfundo elungele leso sikhundla; futhi

(b) babhekana nokushushisa ezindaweni ezithile ezigaguliwe ngaphansi kwesigatshana sesi-(5).

(4) Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi isiphathimandla sezokushushisa senza umsebenzi waso ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela nokukhetha abanye.

(5) UMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi –

(a) kufanele, ngokuvumelana nelungu leKhabhinethi elibhekene nokuphathwa kwezobulungiswa, futhi nangemuva kokubonisana nabaQondisi Bezokushushiswa Komphakathi, amise imigomo yokushushisa okufanele ilandelwe uma kushushiswa;

(b) kufanele akhiphe imiyalo ecacisa imigomo okufanele ilandelwe uma kushushiswa;

(c) angangenelela ohlelweni lokushushisa uma ngabe imiyalo yemigomo ingalandelwanga; futhi

(d) angasihlolisisa kabusha isinqumo sokuthi udaba lushushiswe noma lungashushiswa, ngemuva kokubonisana noMqondisi Wezokushushiswa Komphakathi ofanele futhi ngemuva kokuzwa izethulo esikhathini esibekwe nguMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi, ezivela:

(i) Kumuntu obekwe icala.

(ii) Kummangali.

(iii) Kunoma yimuphi omunye umuntu noma iqembu uMqondisi Kazwelonke Wokushushiswa Komphakathi athatha ukuthi lithintekile.

(6) Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa kobulungiswa kufanele libe nokwengamela okungumnqamula juqu ngaphezu kwesiphathimandla sezokushushisa.

(7) Zonke ezinye izindaba eziphathelene nesiphathimandla sezokushushisa kufanele zinqunywe ngumthetho kazwelonke.

Ezinye izindaba ezimayelana nokuphathwa kwezobulungiswa

Umthetho kazwelonke ungahlinzekela noma yiluphi udaba olumayelana nokuphathwa kwezobulungiswa olungadingidwanga kuMthethosisekelo, kumbandakanya –

(a) izinhlelo zokuqeqesha abengameli basezinkantolo;

(b) izinqubo ezilandelwayo zokubhekana nezikhalo ezithinta abengameli basezinkantolo; kanye

(c) nokubamba iqhaza kwabantu abangebona abengameli bezinkantolo ekuthathweni kwezinqumo zenkantolo.

The post Isahluko 8: izinkantolo nokuphathwa kwezobulungiswa appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 7: uhulumeni wendawo
UHULUMENI WENDAWO

Isahluko 7

Ukuma komasipala

(1) Umkhakha kahulumeni wendawo wakhiwe ngomasipala, okufanele bamiswe kuyo yonke indawo yaseRiphabhuliki.

(2) Igunya lokuphatha nelokushaya imithetho likamasipala libekwe kuMkhandlu kaMasipala.

(3) Umasipala unelungelo lokubusa, ngendlela ozibekele yona izindaba zikahulumeni wasekhaya emphakathini wawo, ngendlela ehambisana nomthetho kazwelonke nowesifundazwe njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo.

(4) Uhulumeni kazwelonke noma wesifundazwe akufanele abeke ebucayini noma akhinyabeze ikhono noma ilungelo likamasipala lokusebenzisa amandla akhe noma lokwenza imisebenzi yakhe.

Izinjongo zikahulumeni wendawo

(1) Izinjongo zikahulumeni wasekhaya –

(a) ukuhlinzekela uhulumeni obusa ngenqubo yentando yeningi nophendulayo emiphakathini yendawo;

(b) ukuqinisekisa ukuhlinzekelwa kwezidingo emiphakathini ngendlela enenqubekela phambili;

(c) ukugqugquzelela ukuthuthukiswa kwenhlalakahle nezomnotho;

(d) ukugqugquzelela indawo okuphilwa kuyo ephephile nephilile; kanye

(e) nokukhuthaza ukubamba iqhaza kwemiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi ezindabeni zikahulumeni wasekhaya.

(2) Umasipala kufanele azame, ngokusebenzisa amandla emali nawokuphatha ukufeza izinjongo ezibekwe esigatsheni soku (1).

Izibopho zomasipala zokuthuthukisa indawo

Umasipala kufanele –

(a) akhe futhi aphathe iminyango yakhe eyahlukene, uhlelo lokwabiwa kwezimali nokuhlelwa kwenqubo ebeka phambili izidingo zomphakathi eziyisisekelo, kanye nokugqugquzelela ukuthuthukiswa kwenhlalakahle nomnotho emphakathini; futhi

(b) abambe iqhaza ezinhlelweni zentuthuko kazwelonke neyezifundazwe.

Ukubusa ngokubambisana komasipala

(1) Uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni bezifundazwe, ngokusebenzisa umthetho nezinye izinyathelo, kufanele beseke futhi baqinise amandla omasipala okuphatha izindaba zabo, ukusebenzisa amandla abo nokwenza imisebenzi.

(2) Umthetho kazwelonke ohlongozwayo noma wesifundazwe onomthelela esimweni, ezikhungweni, emandleni nasemsebenzini yohulumeni basekhaya kufanele ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngaphambi kokuthi wethulwe ePhalamende noma kusishayamthetho sesifundazwe, ngendlela evumela uhulumeni wasekhaya ohlelekile, omasipala nabanye abantu abanentshisekelo, ithuba lokwethula iziphakamiso mayelana nomthetho ohlongozwayo.

Ukumiswa komasipala

(1) Kunalezi zinhlobo ezilandelayo zomasipala –

(a) Uhlobo A: Umasipala onegunya lokuphatha nelomthetho eliphelele njengomasipala endaweni yakhe.

(b) Uhlobo B: Umasipala owabelana amandla okuphatha negunya lomthetho endaweni yawo nomasipala oluhlobo C owela ngaphansi kwendawo yawo.

(c) Uhlobo C: Umasipala onegunya lokuphatha nelomthetho endaweni efaka omasipala abangaphezu koyedwa.

(2) Umthetho kazwelonke kufanele uchaze izinhlobo ezahlukene zikamasipala abangamiswa ngaphakathi kohlobo ngalunye lukamasipala.

(3) Umthetho kazwelonke kufanele –

(a) umise indlela ezolandelwa ukunquma uma indawo kufanele ibe nomasipala oyedwa oluhlobo A noma uma kufanele ibe nomasipala abayizinhlobo zombili u B no C;

(b) umise indlela nenqubo ezolandelwa yokunqunywa kwemingcele yomasipala yisiphathimandla esizimele; kanye

(c) ngokwesigaba sama 229, ahlinzekele ukwehlukaniswa kwamandla nemisebenzi okufanele phakathi komasipala lapho indawo inomasipala abazinhlobo zombili u B no C. Ukwahlukaniswa kwamandla nemisebenzi phakathi kohlobo u B lukamasipala kanye nohlobo u C lukamasipala kungehluka ekwahlukanisweni kwamandla nemisebenzi omunye umasipala oluhlobo B nolukamasipala oluhlobo C.

(4) Umthetho okubhekiswe kuwo isigatshana sesi (3) kufanele uqikelele isidingo sokuhlinzekela ngezinsiza zikamasipala ngendlela elinganayo nekwazi ukuzimela.

(5) Umthetho wesifundazwe kufanele unqume ukuthi yiziphi izinhlobo ezahlukene zikamasipala okufanele zimiswe esifundazweni.

(6) Uhulumeni wesifundazwe ngamunye kufanele amise omasipala esifundazweni sakhe ngendlela ehambisana nomthetho omiswe ngokwezigatshana sesi (2) nesesi (3), futhi ngokwezinyathelo zomthetho noma ezinye, kufanele –

(a) ahlinzekele ukubhekwa nokusekelwa kukahulumeni wasekhaya esifundazweni; futhi

(b) agqugquzele ukuthuthukiswa kwamandla kahulumeni wasekhaya okuvumela omasipala ukuba bakwazi ukwenza imisebenzi yabo futhi baziphathele nezindaba zabo.

(6A) ……..

[Isigatshana sesi (6A) sifakwe isigaba soku 1 soMthetho wesiThathu oChibiyela uMthethosisekelo

wezi 2003 futhi sacishwa isigaba sesi 2 soMthetho weShumi Nambili oChibiyela uMthethosisekelo

wezi 2005.]

(7) Uhulumeni kazwelonke, ngokwesigaba sama 44, kanye nohulumeni bezifundazwe banegunya lomthetho nelokuphatha ukubheka ukwenziwa ngempumelelo komsebenzi ngomasipala mayelana nezindaba ezisohlwini olukuSheduli yesi 4 neyesi 5, ngokukulawula ngokusemthethweni ukusetshenziswa ngomasipala igunya labo lokuphatha okushiwo esigatsheni se 156(1).

Amandla nemisebenzi yomasipala

(1) Umasipala unegunya lokuphatha kulokhu okulandelayo, futhi unelungelo lokwengamela –

(a) izindaba zikahulumeni wasekhaya ezisohlwini oluseNgxenyeni B yeSheduli yesi 4 kanye neNgxenye B yeSheduli yesi 5; kanye

(b) nanoma yiluphi olunye udaba alwabelwe ngumthetho kazwelonke noma wesifundazwe.

(2) Umasipala angashaya futhi engamele imithetho yamadolobha ngenhloso yokuphatha ngempumelelelo izinto anelungelo lokuziphatha.

(3) Ngokulandela isigaba se 151(4), umthetho wamadolobha ongqubuzana nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe awukwazi ukusebenza. Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho wamadolobha nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe ongasebenzi ngenxa yokungqubuzana okushiwo esigabeni se 149, umthetho wamadolobha kufanele uthathwe njengosebenzayo ngaso sonke isikhathi uma lowo mthetho ungasebenzi.

(4) Uhulumeni kazwelonke nohulumeni wesifundazwe kufanele babele umasipala, ngokwesivumelwano futhi nganoma yiziphi izimo, igunya lokwengamela udaba olubekwe ohlwini lweNgxenye A yeSheduli yesi 4 noma eNgxenyeni A yeSheduli yesi 5 oluphathelene nohulumeni wasekhaya, uma –

(a) lolo daba lungenganyelwa kahle kakhulu endaweni; futhi

(b) uma umasipala enamandla okulwengamela lolo daba.

(5) Umasipala unelungelo lokusebenzisa noma yimaphi amandla mayelana nodaba olubalulekile, noma oluhambisana nokwenziwa ngempumelelo komsebenzi yawo.

Ukwakheka nokukhethwa kweMikhandlu kaMasipala

(1) UMkhandlu kaMakasipala wakhiwe –

(a) ngamalungu akhethwe ngokulandela izigatshana sesi (2) nesesi (3); noma

(b) uma kuhlinzekelwe ngumthetho kazwelonke –

(i) amalungu aqokwe ngeminye iMikhandlu Kamasipala ukuba amele leyo Mikhandlu eminye; noma

(ii) kokubili amalungu akhethwe ngendlela ehambisana nendima (a) kanye namalungu aqokwe ngokulandela indima engaphansana u (i) yale ndima.

[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1(a) soMthetho Wesishiyagalombili

Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2002 kanye nayisigaba sesi 3 soMthetho Weshumi Nanhlanu

Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2008.]

(2) Ukukhethwa kwamalungu oMkhandlu kaMasipala njengoba kulindelwe esigatshaneni soku (1)(a), kufanele kulandele umthetho kazwelonke okufanele ubeke uhlelo –

(a) lokumelwa ngokwenani lamavoti atholiwe olwesekelwe engxenyeni yalowo masipala yohlu lukazwelonke lwabavoti, noluhlinzekela ukukhethwa kwamalungu avela ohlwini lwabaphakanyiswe yiqembu ababekwe ngokulandelana kuya ngokuthanda kweqembu; noma

(b) lokumelwa ngokwenani lamavoti njengoba kuchazwe kusigaba (a) luhlanganiswe nohlelo lokumelwa ngamawadi olwesekelwe kuleyo ngxenye kamasipala yohlu lukazwelonke lwabavoti.

(3) Uhlelo lokuvota ngokwesigatshana sesi (2) kufanele luphethe, jiekelel, nokumelwa ngokobungako benani lamavoti atholiwe.

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1(b) soMthetho weshumi Nesishiyagalombili

Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2002.]

(4) (a) Uma uhlelo lokhetho lumbandakanya ukumelwa ngokwezifunda zedolobha, kufanele ukuklaywa kwamawadi kwenziwe yiziphathimandla ezizimele eziqokwe ngokuthi kulandelwe, futhi zisebenze, ngokwezinqubo ezilandelwayo kanye nezindlela ebekwe ngumthetho kazwelonke.

(b) …….

[Indima (b) isuswe yisigaba soku 1(b) soMthetho Weshumi Nesishiyagalombili Sokuchibiyela

uMthethosisekelo we 2005]

[Isigatshana sesi (4) indawo yaso ithathwe yisigatshana sesi 2 soMthetho Wesithathu Wokuchibiyela

uMthethosisekelo we 1998.]

(5) Umuntu angavota kumasipala kuphela uma ebhaliswe engxenyeni yalowo masipala yohlu lukazwelonke lwabavoti.

(6) Umthetho Kazwelonke oshiwo kusigatshana soku (1)(b) kufanele umise usungule uhlelo oluvumela amaqembu kanye nezifiso ezivezwe ngaphansi koMkhandlu Kamasipala oqokayo, ukuba umelwe ngendlela efanele eMkhandlwini Kamasipala oqokelwayo.

Ubulungu boMkhandlu kaMasipala

(1) Zonke izakhamuzi ezinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaMasipala zingaba amalungu alowo Mkhandlu, ngaphandle –

(a) kwanoma ngubani oqokelwe esikhundleni, noma osebenzela umasipala, futhi ekuholelwa ukuqokwa noma ukusebenza kwakhe, futhi engazange akhululwe kulokhu kungavunyelwa ngokomthetho kazwelonke;

(b) kwanoma ngubani oqokelwe esikhundleni ngumbuso, noma osebenzela umbuso, komunye umkhakha, futhi ekuholelwa ukuqokwa noma ukusebenza kwakhe, futhi ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaMasipala ngokomthetho kazwelonke;

(c) kwanoma ngubani ongavunyelwe ukuvotela IsiGungu sikaZwelonke noma ongavunyelwe ngokwesigaba sama 47(1)(c)(d) noma (e) ukuba yilungu lesiGungu;

(d) kwelungu lesiGungu kaZwelonke, isithunywa soMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma ilungu lesishayamthetho sesifundazwe; kodwa lokhu kungavunyelwa akusebenzi elungwini loMkhandlu kaMasipala elimele uhulumeni wasekhaya eMkhandlwini Kazwelonke; noma

(e) kwelungu lomunye uMkhandlu Kamasipala, kodwa lokhu kungavunyelwa akusebenzi elungwini loMkhandlu Kamasipala elimele lowo Mkhandlu komunye uMkhandlu Kamasipala wohlobo olwehlukile.

(2) Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu Kamasipala ngokwesigatshana soku (1)(a),(b),(d), noma (e) angamela ukhetho loMkhandlu, kuye nganoma iyiphi imikhawulo nezimiso ezimiswe ngumthetho kazwelonke.

(3) Izikhala zomsebenzi kuMkhandlu Kamasipala mazigcwaliswe ngokwemigomo yomthetho kazwelonke.

[Isigatshana sesi 3 singezwe yisigaba sesi 4 soMthetho Weshumi Nanhlanu Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2008.]

Isikhathi soMkhandlu kaMasipala

(1) Isikhathi soMkhandlu Kamasipala asinakuba ngaphezulu kweminyaka emihlanu, ngonjengoba kunqunywe ngumthetho kazwelonke.

(2) Uma uMkhandlu Kamasipala uhlakazwa ngokomthetho kazwelonke, noma lapho kuphela isikhathi sawo, kufanele kwenziwe ukhetho zingakapheli izinsuku ezingama 90 kusukela ngosuku uMkhandlu owahlakazwa ngalo noma okwaphela isikhathi sawo.

(3) UMkhandlu Kamasipala, ngaphandle koMkhandlu ohlakazwe kulandela ukungeneelela ngokwesigaba se 139, uhlala ukulungele ukusebenza kusukela ngesikhathi uhlakazwa noma kuphela isikhathi sawo, kuze kube sekumenyezelwe ukukhethwa koMkhandlu osanda kukhethwa.

[Isigaba se 159 indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]

Izinqubo ezilandelwayo zangaphakathi

(1) UMkhandlu kaMasipala –

(a) uthatha izinqumo eziphathelene nokusetshenziswa kwamandla kanye nokwenziwa kwayo yonke imisebenzi kamasipala;

(b) kufanele ukhethe usihlalo wawo;

(c) ungakhetha ikomiti eliphethe kanye namanye amakomiti, ngokomthetho kazwelonke; futhi

(d) ungaqasha abasebenzi abadingekayo ukuze kwenziwe umsebenzi wawo ngempumelelo.

(2) Imisebenzi elandelayo ayinakugunyazwa nguMkhandlu Kamasipala:

(a) ukushaywa kwemithetho kamasipala;

(b) ukuvunywa kwezabelozimali;

(c) ukubekwa kwezintela ezikhokhela imisebenzi eyenziwe kanye nezinye zolunye uhlobo, izintela ezikhokhelwa okuthile kanye nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile; kanye

(d) nokufaka isicelo semali ebolekwayo.

(3) (a) Iningi lamalungu oMkhandlu kamasipala kufanele libe khona ngaphambi kokuthathwa kwevoti nganoma yiluphi udaba.

(b) Yonke imibuzo ephathelene nezindaba eziphawulwe kusigatshana sesi (2) inqunywa ngesinqumo esithathwe uMkhandlu Kamasipala ube wesekwe yivoti leningi lamalungu awo.

(c) Yonke eminye imibuzo engaphambili koMkhandlu Kamasipala kuthathwa izinqumo ngayo ngokweningi lamavoti afakiwe.

(4) Akukho mthetho kamasipala ongavunywa uMkhandlu Kamasipala ngaphandle kokuthi –

(a) wonke amalungu oMkhandlu aziswe kusenesikhathi esifanele; futhi

(b) umthetho kamasipala ohlongozwayo ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngawo.

(5) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela indlela yokunquma –

(a) ubungako bomkhandlu Kamasipala;

(b) ukuthi ngabe uMkhandlu Kamasipala ungaliqoka yini ikomiti eliphethe noma yiliphi elinye ikomiti; noma

(c) ubukhulu bekomiti eliphethe nanoma yiliphi elinye ikomiti loMkhandlu Kamasipala;

(6) UMkhandlu Kamasipala ungashaya imithetho kamasipala ebeka imitheshwana kanye nemiyalo –

(a) yamalungiselelo awo angaphakathi;

(b) yemisebenzi yawo kanye nokwenziwayo; kanye

(c) neyokumiswa, ukwakhiwa, izinqubo, amandla kanye nemisebenzi yamakomiti awo.

(7) UMkhandlu Kamasipala kufanele wenze umsebenzi wawo obala, futhi ungavala ukuhlangana kwawo, noma kwamakomiti awo, kuphela uma kufanelekile ukwenza lokho kube kubhekwa ubunjalo bodaba olusuke ludingidwa.

(8) Amalungu oMkhandlu Kamasipala anegunya lokubamba iqhaza kokuqhubeka kuwo kanye nasemakomitini awo ngendlela –

(a) evumela amaqembu kanye nezintshisekelo ezikhonjiswa ngaphakathi koMkhandlu ukuba kumelwe ngendlela efanele.

(b) ehambisana nentando yeningi; kanye

(c) engalawulwa ngumthetho kazwelonke.

Amalungelomvumo

Umthetho wesifundazwe phakathi kohlaka lomthetho kazwelonke ungahlinzekela amalungelomvume nokuvikeleka kweMikhandlu Kamasipala namalungu ayo.

Ukushicilelwa kwemithetho kamasipala

(1) Umthetho wedolobha kamasipala ungaphoqelelwa kuphela ngemuva kokuthi ushicelelwe ephephandabeni likahulumeni laleso sifundazwe esifanele.

(2) Iphephandaba likahulumeni lesifundazwe kufanele lishicilele umthetho wedolobha kamasipala lapho licelwa ngumasipala.

(3) Imithetho kamasipala wendawo kufanele ikwazi ukufinyelelwa ngumphakathi.

Uhulumeni wasekhaya ohlelekile

UMthetho wePhalamende oshaywe ngokuhambisana nenqubo elandelwayo esungulwe yisigaba sama 76 kufanele –

(a) uhlinzekele ukuvunywa kwezinhlangano zikazwelonke nezesifundazwe ezimele omasipala;

(b) umise inqubo engavumela uhulumeni wendawo ukuba –

(i) abonisane nohulumeni kazwelonke nowesifundazwe;

(ii) akhombe abazomela babambe iqhaza kuMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke; futhi

(iii) abambe iqhaza kunqubo ebekwe emthethweni kazwelonke ocatshangwayo esigabeni sama 221(1)(c)

[Isigaba se 163 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela

uMthethosisekelo we 2001.]

Ezinye izindaba

Noma yiluphi udala oluphathelene nohulumeni wasekhaya olungadingidwa kuMthethosisekelo lungabekwa ngumthetho kazwelonke noma ngumthetho wesifundazwe ngaphakathi kohlaka lomthetho kazwelonke.

The post Isahluko 7: uhulumeni wendawo appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 6: Izifundazwe
IZIFUNDAZWE

Isahluko 6

Izifundazwe

(1) IRiphabhuliki inezifundazwe ezilandelayo:

(a) iMpumalanga Koloni;

(b) iFuleyisitata;

(c) iGauteng;

(d) iKwaZulu-Natali;

(e) iLimpopo

(f) iMpumalanga;

(g) iNyakatho Koloni;

(h) iNyakatho Ntshonalanga;

(i) iNtshonalanga Koloni.

[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe isigaba sesi 3 soMthetho wesiKhombisa oChibyela uMthethosisekelo wezi 2003 yaphinde yathathwa yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]

(2) Imingcele yezifunda ihlanganisa inani laleyo migcele yezifundazwe eziveziwe kumabalazwe ahlukene ashiwo kuSaziso esibalulwe kuSheduli yoku 1A.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]

(3) (a) Noma inini uma kuklanywa kabusha imingcele yezifunda ngokuchibiyelwa koMthethosisekelo, uMthetho wePhalamende ungahlinzeka ngezinyathelo zokulawula, ngaphansi kwesikhathi esifanele, imiphumela yomthetho, ukusetshenziswa kanye nokunye okumayelana nokuklama kabusha.

(b) UMthetho wePhalamende obalulwe yindima (a) ungamiswa futhi usetshenziswe ngaphambi kokuba kuchitshiyelwe uMthethosisekelo, kodwa nanoma imiphi imisebenzi yesifundazwe, impahla, amalungelo, izimiselo, imisebenzi noma izikweletu kungasuswa kuphela ngokwemigomo yalowo Mthetho ngemuva kokuchibiyelwa koMthethosisekelo.

[Isigaba se 103 indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]

Izishayamthetho zesifundazwe

Igunya lokushaya imithetho yezifundazwe

(1) Igunya lokushaya imithetho lesifundazwe libekwe kusishayamthetho sesifundazwe, futhi linikeza isishayamthetho sesifundazwe amandla –

(a) okwamukela umthethosisekelo wesifundazwe noma ukuchibiyela noma yimuphi umthethosisekelo owamukelwe yiso ngokwezigaba se 142 nese 143;

(b) okwamukela imithetho yesifundazwe saso mayelana –

(i) nanoma yiluphi udaba olungaphakathi kwemisebenzi eyenziwayo esohlwini olukuSheduli yesi 4;

(ii) nanoma yiluphi udaba elisohlwini olukuSheduli yesi 5;

(iii) nanoma yiluphi udaba olungekho ngaphakathi kwaleyo misebenzi eyenziwayo, futhi olwabelwe isifundazwe ngokusho komthetho kazwelonke; kanye

(iv) nanoma oluphi udaba umbandela woMthethosisekelo ohlongoze ukumiswa komthetho wesifundazwe; kanye

(c) okwaba noma yimaphi amandla aso okushaya imithetho kunoma yimuphi uMkhandlu kaMasipala kuleso sifundazwe.

(2) Isishayamthetho sesifundazwe, ngesinqumo esesekelwe okungenani ngababili kwabathathu bamalungu aso, singacela iPhalamende ukuthi liguqule igama laleso sifundazwe.

(3) Isishayamthetho sesifundazwe siboshwe kuphela nguMthethosisekelo futhi, uma sesamukele umthethosisekelo wesifundazwe waso, ngalowo mthethosisekelo, futhi kufanele senze okuhambisana nemikhawulo ebekwe nguMthethosisekelo kanye nomthethosisekelo waleso sifundazwe.

(4) Umthetho wesifundazwe mayelana nodaba oludingekile ukuze kusetshenziswe amandla ngendlela noma oluhlangene nokusetshenziswa ngendlela kwamandla athintene nanoma yiluphi udaba olusohlwini olukuSheduli yesi 4, ungumthetho ngazo zonke izinhloso mayelana nodaba olusohlwini olukuSheduli yesi 4.

(5) Isishayamthetho sesifundazwe singenza izincoma esiGungwini sikaZwelonke umthetho ophathelene nanoma yiluphi udaba olungaphandle kwamagunya aleso sishayamthetho, noma owenganyelwe nguMthetho wePhalamende ngaphezu komthetho wesifundazwe.

Ukwakheka nokhetho lwezishayamthetho zezifundazwe

(1) Isishayamthetho sesifundazwe sakhiwe ngabantu besifazane nabesilisa abakhethwe njengamalungu ngokohlelo lokhetho –

(a) olumiswe ngumthetho kazwelonke;

(b) olwakhelwe phezulu kwengxenye yesifundazwe yoluhlu lukazwelonke lwabo bonke abavoti;

(c) oluhlinzekela ngeminyaka yokuvota esuku kweyi 18 ubudala; futhi

(d) olunomphumela, jikelele, wokumelwa okuhambisana nenani lamavoti elitholiwe.

[Isigatshana soku (1) sichitshiyelwe yisigaba sesi 3 soMthetho weShumi naMbili wokuChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003 futhi nayisigaba sesi 3 soMthetho weShumi naNe oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2008.]

(2) Isishayamthetho sesifundazwe sinamalungi aphakathi kwama 30 kuye kuma 80. Inani lamalungu, elingahle lehluke phakathi kwezifundazwe, kufanele linqunywe ngokusebenzisa uhlelo lwezinombolo olubekwe ngumthetho kazwelonke.

Ubulungu

(1) Isakhamuzi esifanele ukubamba iqhaza okhethweni lwesiGungu sikaZwelonke, singaba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe, ngaphandle –

(a) komuntu oqokwe noma osebenzela umbuso futhi ekhokhelwa ngenxa yalowo msebenzi, ngaphandle –

(i) kukaNdunankulu namanye amaLungu oMkhandlu weziPhathimandla zesiFundazwe; kanye

(ii) nanoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezenza imisebenzi ehambisana nemisebenzi yelungu lesishayamthetho sesifundazwe, futhi ezishiwo ngumthetho kazwelonke ukuthi zihambisana naleyo misebenzi;

(b) kwamalungu esiGungu sikaZwelonke, izithunywa ngokugcwele zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma amalungu oMkhandlu kaMasipala;

(c) komuntu onezikweletu angakwazi ukuzikhokha nongasenakubuyiselwa amalungelo;

(d) kwanoma ngubani inkantolo yaseRiphabhuliki ethe akaphilile ngokwengqondo; noma

(e) kwanoma ngubani okuthe ngemuva kokuqala ukusebenza kwalesi sigaba, walahlwa yicala futhi wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga eziyi 12 ngaphandle kokuthi akhethiswe isijeziso senhlawulo, eRiphabhuliki, ngaphakathi eRiphabhuliki, noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma leso senzo esiyicala sasingaba yicala eRiphabhuliki; kodwa akekho ongathathwa njengogwetshiwe, kuze kube nesinqumo ngokwedluliswa kwecala noma kuze kuphele isikhathi sokwedluliswa kwecala. Ukungabinalungelo ngaphansi kwale ndima kuphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqedwa kwesigwebo.

(2) Umuntu ongafanelekile ukuba yilungu lesiShayamthetho sesiFundazwe, mayelana nesigatshana soku (1)(a) noma u (b) angathathwa njengomuntu ongaqokwa abe yilungu lesishayamthetho, ngaphansi kwemibandela noma isimo esimiswe ngumthetho kazwelonke.

(3) Umuntu ulahlekelwa ubulungu besishayamthetho sesifundazwe uma lowo muntu –

(a) engasakulungele ukuba yilungu; noma

(b) ephutha kusiShayamthetho ngaphandle kwemvume, esimweni lapho umthetho nemiyalo yesiShayamthetho ibeka ukulahlekelwa wubulungu; noma

(c) eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa igama lalowo muntu njengelungu lesishayamthetho, ngaphandle kwalapho ilungu selibe yilungu lelinye iqembu ngokweSheduli 6A.

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho weShumi oChibiyela uMthethosisekelo kanye nayisigaba sesi 4 soMthetho weShumi naNe oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2008.)

(4) Izikhala kusishayamthetho sesifundazwe kufanele zigcwaliswe ngokulandela umthetho kazwelonke.

Ukufunga noma ukuqinisekisa

Ngaphambi kokuba amalungu esishayamthetho sesifundazwe enze imisebenzi yawo kusishayamthetho kufanele afunge noma enze isiqiniseko sokwethembeka kuRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokuhambisana noSheduli yesi-2.

Isikhathi sokusebenza kwezishayamthetho zezifundazwe

(1) Isishayamthetho sesifundazwe sikhethelwa iminyaka emihlanu.

(2) Uma isishayamthetho sesifundazwe sihlakazwa ngokwesigaba se 109, noma lapho isikhathi saso siphela, uNdunankulu wesifundazwe ngesimemezelo esishicilelwe, kufanele ahlele futhi abeke izinsuku zokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingama 90 isishayamthetho sahlakazwa, noma kwaphela isikhathi sokusebenza kwaso. Isimemezelo esibiza nesibeka izinsuku zokhetho singakhishwa ngaphambi noma ngemuva kokuphela kwesikhathi sesishayamthetho sesifundazwe.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho wesiNe oChibiyela uMthethosisekelo we 1999.)

(3) Uma umphumela wokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, ungamenyezelwanga kungakapheli isikhathi esishiwo esigabeni se 190, noma uma ukhetho luchithwa yinkantolo, uMongameli, ngesaziso, kufanele abize futhi abeke usuku lokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingama 90 ngemuva kokwedlula kwaleso sikhathi noma kosuku ukhetho olwamiswa ngalo.

(4) Isishayamthetho sesifundazwe siqhubeka sibe namandla okusebenza kusukela ngesikhathi sihlakazwa noma siphelelwa yisikhathi, kuze kube wusuku olungaphambi kosuku lokuqala lokuvotelwa kwesishayamthetho esilandelayo.

Ukuhlakazwa kwezishayamthetho zezifundazwe ngaphambi kokuphela kwesikhathi

(1) UNdunankulu kufanele ahlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –

(a) isishayamthetho sithathe isinqumo sokuhlakazeka esisekelwe yiningi lamalungu aso; futhi

(b) iminyaka emithathu isidlulile ngemuva kokukhethwa kwesishayamthetho.

(2) Ibamba likaNdunankulu kufanele lihlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –

(a) kukhona isikhala esikhundleni sikaNdunankulu; futhi

(b) isishayamthetho sehluleka ukukhetha uNdunankulu omusha zingakapheli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokuvela kwesikhala.

Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu

(1) Ngemuva kokhetho, umhlangano wokuqala kufanele ubanjwe ngesikhathi nangosuku olunqunywe yijaji eliqokwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakapheli izinsuku eziyi 14 ngemuva kokumenyezelwa komphumela wokhetho. Isishayamthetho sesifundazwe singanquma isikhathi nobude bemihlangano eminye yaso kanye nezikhathi zaso zekhefu.

[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 8 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

(2) UNdunankulu wesifundazwe angabiza isishayamthetho sesifundazwe ukuba size emhlanganweni ongejwayelekile ukuze kwenziwae umsebenzi okhethekile.

(3) Isishayamthetho sesifundazwe singanquma ukuthi sizohlangana ndawanaphi ngokwejwayelekile.

OSomlomo kanye namaPhini oSomlomo

(1) Ekuhlaleni kwaso kokuqala ngemuva kokhetho, noma uma kudingekile ukuba kugcwaliswe isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe uSomlomo nePhini likaSomlomo kumalungu aso.

(2) IJaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele lengamele ukukhethwa kukaSomlomo. USomlomo wengamela ukukhethwa kwePhini likaSomlomo.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 9 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

(3) Inqubo elandelwayo kuNgxenye A yeSheduli yesi 3 iyasebenza ekukhethweni koSomlomo namaPhini oSomlomo.

(4) Isishayamthetho sesifundazwe singamsusa esikhundleni uSomlomo noma iPhini likaSomlomo ngokuthatha isinqumo. Iningi lamalungu esishayamthetho kufanele libekhona uma kwemukelwa leso sinqumo.

(5) Njengokusho kwemitheshwana nemiyalo yaso, isishayamthetho sesifundazwe singakhetha phakathi kwamalungu aso ezinye iziphathimandla ukuze zisize uSomlomo noPhini likaSomlomo.

Izinqumo

(1) Ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo uhlinzekela ngokunye –

(a) iningi lamalungu esishayamthetho sesifundazwe kufanele libekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe uMthethosivivinywa noma ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa;

(b) okungenani oyedwa kwabathathu bamalungu esishayamthetho kufanele abekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe noma yiluphi udaba okufanele kunqunywe ngalo phambi kwesishayamthetho; futhi

(c) zonke izindaba ezingaphambi kwesishayamthetho sesifundazwe kufanele zinqunywe ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe.

(2) Ilungu elengamele umhlangano wesishayamthetho sesifundazwe alinavoti kobekuxoxwa, kodwa–

(a) kufanele lifake ivoti elizoveza isinqumo lapho kunamanani amavoti alinganayo ezinhlangothini zombili zodaba; futhi

(b) lingavota ngokucatshangiwe uma udaba lufanele lunqunywe ngokwesekwa yivoti okungenani lababili kumalungu amathathu esishayamthetho.

Amalungelo ezithunywa ezigcwele kwizishayamthetho zezifundazwe

Izithunywa zesifundazwe ezisebenza ngokugcwele eMkhwandlwini kaZwelonke weziFundazwe zingahambela isishayamthetho futhi zikhulume kwizishayamthetho zezifundazwe zazo kanye nasemakomitini azo, kodwa azivunyelwe ukuvota. Isishayamthetho singadinga ukuba isithunywa esisebenza ngokugcwele ukuba siye kusishayamthetho noma emakomidini aso.

Amandla ezishayamthetho zezifundazwe

(1) Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, isishayamthetho sesifundazwe –

(a) singacwaninga, semukele, siguqule noma sichithe noma yimuphi umthetho obekwe phambi kwesishayamthetho; futhi

(b) singasungula noma silungise imithetho, ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali.

(2) Isishayamthetho sesifundazwe kufanele sihlinzekele izindlela –

(a) zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni wesifundazwe ziphendula kusona; futhi

(b) zokugcina iso –

(i) ekusetshenzisweni kwegunya lesifundazwe lokuphatha, kumbandakanya nokusetshenziswa kwemithetho; kanye

(ii) nakunoma iyiphi ingxenye yombuso.

Ubufakazi noma ulwazi phambi kwesishayamthetho sesifundazwe

Isishayamthetho sesifundazwe nanoma yiliphi ikomiti laso –

(a) singabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwaso ukuze anike ubufakazi obufungelwe noma obuqinisekisiwe noma ukuze aveze imibhalo ethile;

(b) singafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano inikeze umbiko kusona;

(c) singaphoqa, ngokomthetho wesifundazwe noma imitheshwana nemiyalo yaso, ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano ilandele okushiwo yisamanisi noma okushiwo yisidingo sesigaba (a) noma u (b); futhi

(d) singemukela izicelo ezisayiniwe, imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yibaphi abantu abanetshisekelo noma kunoma yiziphi izinhlangano.

Amalungiselelo angaphakathi, okwenziwayo nenqubo elandelwayo yezishayamthetho zezifundazwe

(1) Isishayamthetho sesifundazwe –

(a) singazithathela izinqumo futhi silawule amalungiselelo aso angaphakathi, esikwenzayo kanye nezinqubo; futhi

(b) senze imitheshwana nemiyalo mayelana nomsebenzi waso, sibe sibhekele ukuqhuba ngenqubo yentando yeningi eyazisa ukumelwa nokubanjwa kweqhaza, ukuba nesibopho, ukusebenzela obala nokumbandakanywa komphakathi.

(2) Imitheshwana nemiyalo yesishayamthetho sesifundazwe kufanele ihlinzekele –

(a) ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo elandelwayo kanye nesikhathi sokuba khona kwamakomiti aso;

(b) ukubanjwa kweqhaza emisebenzini yesishayamthetho sesifundazwe, kanye namakomiti aso amaqembu amancane ezombusazwe amelwe eMkhandlwini, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi;

(c) usizo lwezemali nokuphathwa eqenjini ngalinye elimelwe kusishayamthetho sesifundazwe, olulingana nokumelwa kwalo, ukuze iqembu ngalinye nomholi walo likwazi ukwenza imisebenzi yalo kusishayamthetho; kanye

(d) nokwemukelwa komholi weqembu elikhulu eliphikisayo kusishayamthetho, njengoMholi wabaPhikisayo.

Ilungelomvume

(1) Amalungu esishayamthetho sesifundazwe kanye nezithunywa ezisebenza ngokugcwele eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe –

(a) anelungelo lokukhuluma ngokukhululeka kusishayamthetho nasemakomitini aso, ngendlela evumelana nemitheshwana nemiyalo; futhi

(b) angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma akhokhiswe inhlawulo ngenxa –

(i) yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze isishayamthetho nanoma yiliphi ikomiti laso;

(ii) yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile akunikeze isishayamthetho nanoma yiliphi ikomiti laso.

(2) Ezinye izibonelelo nokuvikeleka kwesishayamthetho sesifundazwe namalungu aso zingabekwa ngumthetho kazwelonke.

(3) Amaholo, nezinye izimali ezikhokhelwa okuthile kanye nokusizakala okukhokhelwa amalungu esishayamthetho kuvela ngqo esiKhwameni seMali yesiFundazwe.

Ukuvumeleka nokumbandakanyeka komphakathi kusishayamthetho

(1) Isishayamthetho sesifundazwe kufanele –

(a) senze kube lula ukuthi umphakathi umbandakanywe emsebenzini wokushaya imithetho neminye imisebenzi yesishayamthetho nasemakomiti aso; futhi

(b) senze umsebenzi waso ngendlela esobala, sivumele umphakathi emihlanganweni yaso naleyo yamakomiti aso; kodwa, izinyathelo ezifanele zingathathwa ukuze –

(i) kulawulwe ukufinyelela komphakathi, kumbandakanya ukufinyelela kwabezindaba, kusishayamthetho nasemakomitini aso; kanye

(ii) nokuhlinzekela ukusesha noma yimuphi umuntu, futhi uma kunesidingo ukwenqatshelwa ukuba angene noma ukukhishwa kwanoma yimuphi umuntu.

(2) Isishayamthetho sesifundazwe asinakukhiphela ngaphandle umphakathi, kubalwa nabezindaba, ukuba babe ingxenye yezithangamu zekomidi ngaphandle uma kunezizathu futhi kufanele ukwenza njalo emphakathini ovulelekile wentando yeningi.

Ukwethulwa kwemithethosivivinywa

Ngamalungu esiGungu esiPhethe sesifundazwe kuphela noma ekomiti noma ilungu lesishayamthetho sesifundazwe angethula uMthethosivivinywa kusishayamthetho; kodwa yilungu lesiGungu esiPhethe kuphela elibhekene nezindaba zezimali zesifundazwe, elingethula uMthethosivivinywa wemali kusishayamthetho.

IMithethosivivinywa yemali

(1) UMthethosivivinywa unguMthethosivivinywa wemali uma –

(a) ………

(b) waba imali;

(c) wethwesa izintela zesifundazwe, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;

(d) uqeda noma wehlisa, noma unikeza ukukhululwa ezinteleni, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe; noma

(e) ugunyaza ukukhokhiswa ngqo kwesiKhwama seMali yesiFundazwe.

(2) UMthethosivivinywa wemali wesifundazwe awunakubhekana nanoma yiluphi udaba ngaphandle–

(a) kodaba oluncane oluhambisana nokwabiwa kwemali;

(b) kokubekwa kwezintela, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;

(c) kokunikeza ukukhululwa ezinteleni, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;

(d) kokugunyaza ukukhokhiswa ngqo kwesiKhwama seMali yesiFundazwe.

(3) UMthetho wesifundazwe kufanele uhlinzekele inqubo engalandelwa isishayamthetho sesifundazwe esingachibiyela ngayo uMthethosivivinywa wemali.

[Isigaba se 120 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 3 soMthetho wesiKhombisa oChibiyela

Ukuvuma iMithethozivivinywa

(1) UNdunankulu kufanele avume futhi asayine uMthethosivivinywa owemukelwe yisishayamthetho sesifundazwe ngokwalesi Sahluko noma, uma uNdunankulu engagculisekile ngokuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele kusishayamthetho ukuze siwucwaninge kabusha.

(2) Uma ngemuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa ugculisa ngokwanele uNdunankulu, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine uMthethosivivinywa; uma kungenzeki lokho, uNdunankulu kufanele enze okunye kwalokhu –

(a) avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma

(b) awudlulisele eNkantolo Yomthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo.

(3) Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine.

Izicelo ezifakwa ngamalungu eNkantolo yoMthethosisekelo

(1) Amalungu esishayamthetho angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi inkantolo ikhiphe umyalo wokuthi wonke noma ingxenye yoMthethosivivinywa awuhambisani nomthethosisekelo.

(2) Isicelo –

(a) kufanele sesekwe amavoti okungenani angamaphesenti angama 20 amalungu

esishayamthetho; futhi

(b) kufanele senziwe kungakapheli izinsuku ezingama 30 kusukela osukwini uNdunankulu awuvume futhi awusayine ngalo uMthetho.

(3) INkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi wonke uMthetho noma ingxenye yawo okufakwe isicelo ngayo ngokwesigatshana soku-(1), angeke usebenze ngaphambi kokuthi iNkantolo ibe ikhiphe isinqumo ngesicelo uma –

(a) izidingo zobulungiswa ziphoqelela lesi sinqumo; futhi

(b) isicelo sinamathuba anele okuphemelela.

(4) Uma isicelo singaphumeleli, futhi besingenathuba elanele lokuthi singaphumelela, iNkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi abafake isicelo bakhokhe izindleko.

Ukushicilelwa kweMithetho

UMthethosivivinywa ovunyiwe futhi wasayinwa nguNdunankulu uba nguMthetho wesifundazwe, kufanele ushicilelwe ngokushesha, futhi uqala ukusebenza lapho usushicilelwe noma ngosuku olunqunywe ngokoMthetho.

Ukugcinwa ngokuphepha kwemithetho yesifundazwe

Ikhophi esayiniwe yoMthetho wesifundazwe ingubufakazi obugcwele balokho okuqukethwe yilowo Mthetho, futhi ngemuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo Yomthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha.

IziPhathimandla zeziFundazwe

Igunya lokuphatha lesifundazwe

(1) Amandla okuphatha isifundazwe abekwe kuNdunankulu waleso sifundazwe.

(2) UNdunankulu usebenzisa amandla okuphatha ebambisene namanye amalungu oMkhandlu weziPhathimandla ngoku –

(a) sebenzisa umthetho wesifundazwe esifundazweni;

(b) sebenzisa yonke imithetho kazwelonke esemisebenzini esohlwini olukuSheduli yesi 4 noma eyesi 5 ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo noma uMthetho wePhalamende uhlinzeka okwahlukile;

(c) phathi esifundazweni, imithetho kazwelonke engaphandle kwemisebenzi esohlwini olukuSheduli yesi 4 kanye neyesi 5, ukuphatha kwayo osekwabelwe iziphathimandla zesifundazwe ngokoMthetho wePhalamende;

(d) thuthukisa nokuphoqelela inqubomgomo yesifundazwe;

(e) qondanisa imisebenzi yeziphathimandla zesifundazwe neminyango yaso;

(f) lungiselela nokusungula imthetho yesifundazwe; kanye

(g) nokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi eyabelwe iziphathimandla zesifundazwe ngokoMthethosisekelo noma ngokoMthetho wePhalamende.

(3) Isifundazwe sinamandla okuphatha ngokwesigatshana sesi-(2)(d) ngendlela esinamandla ngayo isifundazwe kunqike ekutheni isifundazwe sinekhono yini lokuphatha ngempumelelo. Uhulumeni kazwelonke, ngezinyathelo zomthetho noma ezinye, kufanele asize izifundazwe ukuthi zakhe ikhono elidingekayo lokuphatha ukuze zisebenzise ngempumelelo amandla futhi zenze nemisebenzi yazo ekubhekiswe kuyo esigatshaneni sesi (2).

(4) Noma iyiphi inqxabano evelayo maqondana nekhono lokuphatha lesifundazwe mayelana nanoma yimuphi umsebenzi, kufanele idluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ukuze ixazululwe kungakapheli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokudluliselwa kuMkhandlu.

(5) Ngokwesigaba se 100, ukusetshenziswa kwemithetho yesifundazwe esifundazweni kungamandla akhethekile eziphathimandla zesifundzwe kuphela.

(6) Iziphathimandla zesifundazwe kufanele zisebenze ngokulandela –

(a) uMthethosisekelo; kanye

(b) nomthethosisekelo wesifundazwe, uma umthethosisekelo sewamukelwe yisifundazwe.

Ukwabiwa kwemisebenzi

Ilungu loMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe lingabela uMkhandlu kaMasipala, noma yimaphi amandla okufanele asetshenziswe noma umsebenzi okufanele wenziwe, ngokoMthetho wePhalamende, noma ngokoMthetho wesifundazwe. Ukwabiwa –

(a) kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu loMkhandlu weziPhathimandla noMkhandlu kaMasipala;

(b) kufanele kuhambisane noMthetho ofanele amandla noma ukwenziwa komsebenzi; futhi

(c) kuqala ukusebenza ngemuva kokumenyezelwa nguNdunankulu.

Amandla nemisebenzi yoNdunankulu

(1) UNdunankulu wesifundazwe unamandla nemisebenzi futhi unikwe umsebenzi ngokwethenjwa kuleso sikhundla nguMthethosisekelo nanoma yimuphi omunye umthetho.

(2) UNdunankulu wesifundazwe ubhekele okulandelayo –

(a) ukwamukela nokusayina iMithethozivivinywa;

(b) ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva kwisishayamthetho sesifundazwe ukuze kubuyekezwe ukuhambisana kwawo noMthethosisekelo;

(c) ukudlulisela uMthethosivivinywa eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo;

(d) ukubizela isishayamthetho emhlanganweni ongejwayelekile ukuze sense umsebenzi okhethekile;

(e) ukumisa amakhomishana ophenyo; kanye

(f) nokumemezela uhlololuvo esifundazweni ngokulandela umthetho kazwelonke.

Ukukhethwa koNdunankulu

(1) Emhlanganweni wawo wokuqala ngemuva kokhetho, nalapho kunesidingo sokuvala isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe umuntu wesifazane noma wesilisa phakathi kwamalungu aso ukuthi abe nguNdunankulu wesifundazwe.

(2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele angamele ukhetho lukaNdunankulu. Inqubo elandelwayo ebekwe eNgxenyeni A kuSheduli yesi-3 iyasebenza ekukhethweni kukaNdunankulu.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.)

(3) Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaNdunankulu kufanele lubekelwe isikhathi nosuku nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakedluli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokuvela kwesikhala.

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.)

Ukuqala ukusebenza koNdunankulu

Umuntu okhethelwe isikhundla sikaNdunankulu kufanele aqale umsebenzi esikhundleni sikaNdunankulu zingakapheli izinsuku ezinhlanu ekhethiwe, ngokufunga noma ngokuqinisekisa ukwethembeka eRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo ngokweSheduli sesi 2.

Isikhathi esihlalwa esikhundleni nokususwa koNdunankulu

(1) Isikhathi sikaNdunankulu sokuba sesikhundleni siqala lapho uNdunankulu engena esikhundleni futhi siphele uma kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu eqala umsebenzi wobuNdunankulu.

(2) Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoNdunankulu isikhathi esingaphezulu kwamahlandla amabili, kodwa uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala esikhundleni sobuNdunankulu, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa njengesikhathi sobuNdunankulu kulowo muntu.

(3) Isishayamethetho sesifundazwe, ngesivumelwano esithathwe ngokusekwa yivoti okungenani lamalungu aso amabili kwamathathu, singasusa esikhundleni uNdunankulu kuphela ngalezi zizathu –

(a) zokwephulwa okubucayi koMthethosisekelo noma uMthetho;

(b) zokuziphatha kabi; noma

(c) zokwehluleka ukwenza imisebenzi yesikhundla leso.

(4) Noma yimuphi umuntu osuswe esikhundleni sokuba nguNdlunankulu ngokwesigatshana sesi (3)(a) noma u (b) akanukuthol zinzuzo zaleso sikhundla, futhi akavunyelwe ukusebenza kunoma yiliphi ihhovisi likahulumeni.

AmaBamba oNdunankulu

(1) Uma UNdunankulu engekho noma engakwazi ukufeza izidingo zomsebenzi kaNdunankulu, noma kunesikhala esikhundleni sikaNdunankulu, isiphathimandla singabamba njengoNdunankulu ngokulandelana ngale ndlela elandelayo –

(a) Ilungu loMkhandlu weziPhathimandla eliqokwe nguNdunankulu.

(b) Ilungu loMkhandlu weziPhathimandla eliqokwe ngamanye amalungu oMkhandlu.

(c) USomlomo, isishayamthetho size siqoke omunye wamalungu aso.

(2) IBamba likaNdunankulu linezibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu.

(3) Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu iBamba likaNdunankulu kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka eRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokweSheduli yesi 2.

Imikhandlu ePhethe

(1) UMkhandlu weziPhathimandla wakhiwe nguNdunankulu, njengenhloko yoMkhandlu, kanye namalungu angekho ngaphansi kwamahlanu nangekho ngaphezulu kwayishumi aqokwe nguNdunankulu phakathi kwamalungu esishayamthetho sesifundazwe.

(2) UNdunankulu wesifundazwe uqoka amalungu oMkhandlu weziPhathimandla, awanikeze amandla kanye nemisebenzi yawo, futhi angawasusa.

Ukuphendula nokuba nezibopho

(1) Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe anesibopho ngemisebenzi yomkhandlu athweswe yona nguNdunankulu.

(2) Amalungu oMkhandlu Ophethe esifundazwe aphendula ehlangene kanyekanye nanjengelungu ngalinye kusishayamthetho mayelana nokusetshenziswa kwamandla nokwenziwa kweemisebenzi yawo.

(3) Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe kufanele –

(a) asebenze ngokuhambisana noMthethosisekelo; futhi uma umthethosisekelo wesifundazwe uvunyiwe esifundazweni, nangokuhambisana nalowo mthethosisekelo; futhi

(b) anikeze isishayamthetho imibiko ephelele nelethwa njalo emayelana nezindaba ezilawulwa yiwo.

Ukuqhubeka koMkhandlu weziPhathimandla ngemuva kokhetho

Uma kwenziwe ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, uMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe, namalungu awo ayaqhubeka nokusebenza kuze kukhethwe umuntu yisishayamthetho esilandelayo ukuba abe uNdunankulu futhi athathe isikhundla.

Izifungo neziqinisekiso

Ngaphambi kokuba amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe aqale ukwenza imisebenzi yezikhundla zawo, kufanele afunge noma aqinisekise ukuthi azokwethembeka eRiphabhuliki futhi athobele uMthethosisekelo, ngokuhambisana neSheduli yesi 2.

Ukuziphatha kwamalungu oMkhandlu weziPhathimandla

(1) Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe kufanele asebenze ngokulandela uhlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke.

(2) Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe akufanele –

(a) enze nanoma imuphi omunye umsebenzi okhokhelwayo;

(b) aziphathe ngendlela engahambisani nezikhundla zawo, noma azibeke kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi abonakale enobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezintshisekelo zawo zomsebenzi nezintshisekelo zawo zangasese;

(c) asebenzise isikhundla sawo noma yiluphi ulwazi aluphathisiwe, ukuzinothisa noma ukwenzela omunye umuntu inzuzo ngendlela engafanele.

Ukudluliswa kwemisebenzi

UNdunankulu angadlulisela elungwini loMkhandlu weziPhathimandla ngokusebenzisa isimemezelo –

(a) ukusetshenziswa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma

(b) yinoma yimaphi amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho.

Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana

UNdunankulu wesifundazwe anganikeza ilungu loMkhandlu weziPhathimandla noma yimaphi amandla noma umsebenzi welinye ilungu elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi.

Ukungenelela kwesifundazwe kuhulumeni wendawo

(1) Uma umasipala ungakwazi noma ungafezi izibopho zawo zokuphatha ngokoMthethosisekelo noma ngokoMthetho, uMkhandlu weziPhathimandla othintekayo ungalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukufezwa kwezibophezelo, kumbandakanya –

(a) ukukhipha umyalelo oya kuMkhandlu kaMasipala esichaza ibanga lokwehluleka ukufeza izibopho zawo futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kuhlangatshezwe izibopho zawo.

(b) ukuqhuba umsebenzi wezibopho ezithile kulowo masipala ngendlela efanele ukuze –

(i) kugcinwe amazinga abalulekile kazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga amisiwe okungafanele ehliswe okwethulwa kwezidingo;

(ii) kunqandwe lowo Mkhandlu kaMasipala ukuze ungathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza izintshisekelo zomunye umasipala noma zesifundazwe sonke; noma

(iii) kugcinwe ubumbano lomnotho; noma

(c) kuhlakazwe uMkhandlu kaMasipala bese kubekwa umlawuli kuze kube sekumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha, uma izimo ezithile zihambisana nalesi sinyathelo.

(2) Uma umkhandlu weziphathimandla ungenelela odabeni lukamasipala ngokwesigatshana soku (1)(b) –

(a) kufanele ufake isaziso esibhaliwe sokungenelela udaba –

(i) elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni basekhaya; kanye

(ii) nakusishayamthetho esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kungakapheli izinsuku ezi 14 ngemuva kokuqala ukungenelelwa kodaba;

(b) ukungenelelwa kodaba kufanele kuphele uma –

(i) ilungu leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni basekhaya likugxeka ukungenelela udaba kungakapheli izinsuku ezingama 28 ngemuva kokuqala kokungenelelwa kodaba noma uma ekupheleni kwaleso sikhathi lingakakuvumeli ukungenelelwa kodaba; noma

(ii) uMkhandlu ukugxeka ukungenelela udaba kungakapheli izinsuku eziyi 180 ngemuva kokuqala kokungenelelwa kodaba noma uma ekupheleni kwaleso sikhathi ungakakuvumeli ukungenelelwa kodaba; futhi

(c) uMkhandlu kufanele, ngenkathi ukungenelelwa kodaba kusaqhubeka, ubukeze ukungenelela lokho njalo futhi ungenza noma yiziphi iziphakamiso ezifanele kusishayamthetho sesifundazwe.

(3) Uma uMkhandlu kaMasipala uhlakazwa ngokwesigatshana sesi (1)(c)-

(a) iziphathimandla zesifundazwe kufanele masishane zilethe isaziso esibhaliwe sokuwuchitha –

(i) elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni besakhaya; kanye

(ii) nakusishayamthetho sesifundazwe esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; futhi

(b) ukuhlakazwa kuqala ukusebenza ezinsukwini eziyi 14 ukusuka osukwini lokuthola isaziso nguMkhandlu ngaphandle kwalapho sibekelwe eceleni yilelo lungu leKhabhinethi noma nguMkhandlu ngaphambi kokuphela kwalezo zinsuku eziyi 14.

(4) Uma umasipala ungakwazi noma ungazifezi izibopho ngokoMthethosisekelo noma ngokomthetho zokugunyaza isabelozimali noma ezinye ezinye izinyathelo zokungenisa imali ezidingekayo ukuze kuphunyeleliswe ukusetshenziswa kwesabelozimali, iziphathimandla zesifundazwe eziqondene kufanele zingenelele odabeni ngokuthatha noma yiziphi izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi isabelozimali noma lezo zinyathelo zokungenisa imali ziyavunywa, kumbandakanya nokuchithwa koMkhandlu kaMasipala futhi –

(a) baqoke umlawuli kuze kube sekumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha; futhi

(b) bavume isabelozimali sesikhashana noma izinyathelo zokungenisa imali ukubonelela ukusebenza okuqhutshekiswayo kukamasipala.

(5) Uma umasipala, ngenxa yenkinga ezindabeni zakhe zezezimali, ephula noma elokhu eqhubeka nokwephula izibopho zakhe zokuhlinzekela ngezidingo eziyisisekelo noma ukuhlangabeza izibopho zakhe zezezimali, noma uvuma ukuthi awukwazi ukuhlangabeza izibopho zawo noma izibopho zezezimali, iziphathimandla zesifundazwe eziqondene kufanele –

(a) zibeke uhlelo lokusindisa oluqondiswe ekuqiniseni ikhono likamasipala lokuhlangabezana nezibopho zakhe zokuhlinzekela ngezidingo eziyisisekelo noma izibopho zezezimali, okufanele –

(i) zilungiswe ngokulandela umthetho kazwelonke; futhi

(ii) ezibophezela umasipala ekusebenziseni igunya lawo lomthetho neleziphathimandla, kodwa ngendlela efanele ukuxazulula inkinga ezindabeni zawo zezezimali; futhi

(b) zihlakaze uMkhandlu kaMasipala, uma umasipala ungakwazi noma ungazivumi izinyathelo zomthetho, kumbandakanywa isabelozimali nanoma yiziphi izinyathelo zokungenisa imali, ezidingekayo ukuze kuqaliswe uhlelo lokusindisa, futhi –

(i) uqoke umlawuli kuze kube sekumenyezelwa ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha; futhi

(ii) uvumele isabelozimali sesikhashana nanoma yiziphi izinyathelo zokungenisa imali zesikhashana ukuze kuqaliswe uhlelo lokusindisa ukuhlinzekelela ukusebenza okuqhubekayo kukamasipala; noma

(c) uma uMkhandlu kaMasipala ungachithwa ngokwendima (b), ziqale umsebenzi wokusetshenziswa kohlelo lokuwuhlenga ngendlela lapho umasipala ungeke akwazi noma angeke akwazi ngenye indlela ukusebenzisa uhlelo lokuwuhlenga.

(6) Uma iziphathimandla zesifundazwe zingenelela kumasipala ngokwesigatshana sesi

(4) noma sesi (5), kufanele zifake isaziso esibhaliwe sokungenelela udaba –

(a) elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni basekhaya; kanye

(b) nakusishayamthetho sesifundazwe esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngemuva kokuqala kokungenelela odabeni.

(7) Uma iziphathimandla zesifundazwe zingakwazi noma zingakwenzi noma zingawasebenzisi ngokwenele amandla noma zenza imisebenzi okubhekiswe kuyo ezigatshaneni sesi (4) noma sesi (5), iziphathimandla zikazwelonke kufanele zilungenelele udaba ngokwesigatshana sesi (4) noma sesi (5) esikhundleni seziphathimandla zesifundazwe eziqondene.

(8) Umthetho kazwelonke unganquma indlela okuzosetshenziswa ngayo lesi sigaba, kumbandakanya nezinqubo ezisungulwe yilesi sigaba.

[Isigaba se 139 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]

Izinqumo zeziPhathimandla

(1) Isinqumo sikaNdunankulu kufanele sibhalwe phansi uma –

(a) sithathwe ngokomthetho; noma

(b) sinemiphumela yasemthethweni.

(2) Isinqumo esibhalwe nguNdunankulu kufanele siphinde sisayinwe ngelinye ilungu loMkhandlu weziPhathimandla uma ngabe leso sinqumo sithinta umsebenzi onikezwe lelo lungu.

(3) Izimemezelo, imithetho kanye namanye amathuluzi emithetho emncane yesifundazwe kufanele umphakathi ukwazi ukufinyelela kuyona.

(4) Umthetho wesifundazwe ungacacisa indlela, kanye nebanga amathuluzi emithetho eshiwo kusigatshana sesi (3) okufanele –

(a) yethulwe ngayo phambi kwesishayamthetho sesifundazwe; futhi

(b) yamukelwe yisishayamthetho sesifundazwe.

Iziphakamiso zokungethembeki

(1) Uma isishayamthetho sesifundazwe, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, semukela isiphakamiso sokuthi uMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe ngaphandle kukaNdunankulu, awusathembekile kusishayamthetho, uNdunankulu kufanele awakhe kabusha uMkhandlu.

(2) Uma isishayamthetho sesifundazwe, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, semukela isiphakamiso sokuthi uNdunankulu akasethembekile kusona, uNdunankulu namanye amalungu oMkhandlu weziPhathimandla kufanele bashiye izikhundla.

Imithethosisekelo Yezifundazwe

Ukwamukelwa kwemithethosisekelo yezifundazwe

Isishayamthetho sesifundazwe singemukela umthethosisekelo wesifundazwe noma, lapho kungenzeka khona, sichibiyele umthethosisekelo waso, uma okungenani ababili kwabathathu bamalungu aso bevote beseka uMthethosivivinywa.

Okuqukethwe yimithethosisekelo yezifundazwe

(1) Umthethosisekelo wesifundazwe, noma isichibiyelo somthethosisekelo, akufanele kungahambisani nalo Mthethosisekelo, kodwa kungahlinzekela –

(a) izinhlaka zesifundazwe zokushaya imithetho nezokuphatha nezinqubo ezehlukile kulezo ezihlinzekelwe kulesi Sahluko; noma

(b) ubukhosi bendabuko, iqhaza labo, amagunya kanye nesimo sesikhundla senkosi yendabuko, lapho kusebenza khona.

(2) Imibandela efakwe kumthethosisekelo wesifundazwe noma izichibiyelo zomthethosisekelo ngokwendima (a) noma (b) yesigatshana soku-(1) –

(a) kufanele ihambisane nesigaba soku 1 kanye neSahluko sesi 3; futhi

(b) ayinakunikeza isifundazwe amandla noma imisebenzi ewela –

(i) ngaphandle kwezinga lamandla esifundazwe ngokweSheduli yesi 4 noma eyesi 5; noma

(ii) ngaphandle kwamandla nemisebenzi enikezwe isifundazwe ngezinye izigaba zoMthethosisekelo.

Ukuqinisekiswa kwemithethosisekelo wezifundazwe

(1) Uma isishayamthetho sesifundazwe sesamukele noma sichibiyela umthethosisekelo, uSomlomo wesishayamthetho kufanele ahambise umbhalo woMthethosisekelo noma wezichibiyelo zoMthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze uqinisekiswe.

(2) Akukho mbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma izichibiyelo zomthethosisekelo okuba ngumthetho ngaphambi kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo iqinisekise –

(a) ukuthi umbhalo wamukelwe ngokulandela isigaba se 142; kanye

(b) nokuthi wonke umbhalo uhambisana nesigaba se 143.

Ukusayinwa, ukushicilelwa nokugcinwa ngokuphepha kwemithethosisekelo yezifundazwe

(1) UNdunankulu wesifundazwe kufanele avume futhi asayine umbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma ukuchibiyelwa komthethosisekelo oqinisekiswe yiNkantolo yoMthethosisekelo.

(2) Umbhalo ovunyiwe wasayinwa nguNdunankulu kufanele ushicilelwe kuSomqulu kaHulumeni kazwelonke futhi uqala ukusebenza ngenkathi ushicilelwa noma ngosuku lwakamuva olunqunywe ngokwalowo mthethosisekelo noma ukuchibiyelwa kwawo.

(3) Umbhalo osayiniwe womthethosisekelo wesifundazwe noma wokuchibiyela umthethosisekelo ungubufakazi obuphelele bemibandela yawo futhi, emuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuba iwugcine ngokuphepha.

Ukungqubuzana koMthetho

Ukungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nomthetho wesifundazwe

(1) Lesi sigaba sisebenza lapho kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nowesifundazwe okungena emsebenzini owenziwayo osohlwini lweSheduli yesi 4.

(2) Umthetho kazwelonke osebenza ngendlela efanayo ezweni lonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma noma yimiphi yemibandela elandelayo ihlangatsheziwe:

(a) Umthetho kazwelonke uphathelene nodaba olungakwazi ukulawulwa ngomthetho owenziwe umthetho yizifundazwe ngazinye .

(b) Umthetho kazwelonke ubheke udaba lokuthi, ukuze ludingidwe ngempumelelo, kufanele izinto zenziwe ngendlela efanayo ezweni lonke, futhi umthetho kazwelonke uhlinzekela ngendlela efanayo ngokuthi umise –

(i) izinkambiso namazinga;

(ii) izinhlaka; noma

(iii) imigomo kazwelonke.

(c) Umthetho kazwelonke udingelwa –

(i) ukugcinwa kokuphepha kwezwe;

(ii) ukugcinwa kobumbano lwezomnotho;

(iii) ukuvikelwa kwezimakethe ezihlanganyelwe mayelana nokunyakaza kwempahla, izinsizo zomphakathi, izimali kanye namandla okusebenza;

(iv) ukukhuthaza izenzo zomnotho nangale kwemingcele yezifundazwe;

(v) ukukhuthaza amathuba alinganayo kanye nokufinyeleleka okufanayo kuzinzizo zikahulumeni; noma

(vi) ukuvikeleka kwedawo okuphilwa kuyo.

(3) Umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma umthetho kazwelonke uqondiswe ekunqandeni izenzo ezingafanele zesifundazwe –

(a) ezingakhinyabeza umnotho, impilo noma izidingo zokuphepha zesinye isifundazwe noma zezwe lonke; noma

(b) ezivimbezela ukwenziwa kwemigomo kazwelonke yomnotho.

(4) Lapho kukhona ukushayisana mayelana nokuthi ngabe umthetho kazwelonke uyadingeka yini ngokwenhloso ebekwe kusigatshana sesi-(2)(c) futhi nalokho kushayisana kuvela ngaphambi kwenkantolo ukuze kuxazululwe, inkantolo kufanele ibheke ngokufanele ukugunyazwa noma ukunqatshwa komthetho nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.

(5) Umthetho wesifundazwe ubusa umthetho kazwelonke uma isigatshana sesi (2) noma sesi (3) singasebenzi.

(6) Umthetho oshaywe ngokoMthetho wePhalamende noma uMthetho wesifundazwe ungabusa kuphela uma lowo mthetho wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.

(7) Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungafinyeleli ekuthatheni isinqumo kungakapheli izinsuku ezingama 30 zokuhlangana kwawo kokuqala ngemuva kokuba umthetho wedluliselwe kuwona, lowo mthetho kufanele uthathwe ngokuthi ngazo zonke izinhloso wamukelwe uMkhandlu.

(8) Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungawemukeli umthetho odluliselwe kuwona ngokwesigatshana sesi (6), kufanele, kungakapheli izinsuku ezingama 30 ngemuva kwesinqumo sawo, unikeze ngezizathu zokuthi kungani ungawemukeli lowo mthetho kuleso siphathimandla esiwudlulisile.

Okunye ukungqubuzana

(1) Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nemibandela yomthethosisekelo wesifundazwe mayelana –

(a) nodaba oluthinta lo Mthethosisekelo ngqo oludinga noma oluhlongoza ukushaywa komthetho kazwelonke, umthetho kazwelonke uyabusa ngaphezu kwalowo mbandela womthethosisekelo wesifundazwe esithintekile;

(b) nokungenelela komthetho kazwelonke ngokwesigaba sama 44(2), umthetho kazwelonke ubusa ngaphezu kombandela womthethosisekelo wesifundazwe; noma

(c) nodaba oluphakathi kwemisebenzi esohlwini olukuSheduli yesi 4, isigaba se 146 sisebenza sengathi umbandela othintekile womthethosisekelo wesifundazwe ungumthetho wesifundazwe okubhekiswe kuwo kuleso sigaba.

(2) Umthetho kazwelonke okubhekiswe kuwo esigabeni sama 44(2) ubusa ngaphezu komthetho wesifundazwe mayelana nezindaba eziphakathi kwemisebenzi esohlwini olukuSheduli yesi 5.

Ukungqubuzana okungaxazululeki

Uma ingxabano emayelana nokushayisana ingakwazi ukuxazululwa yinkantolo, umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe noma komthethosisekelo wesifundazwe.

Isimo somthetho ongasebenzi ngaphezu komunye

Isinqumo senkantolo sokuthi umthetho ubusa ngaphezulu komunye umthetho asiwuqedi lowo mthetho omunye, kodwa lowo mthetho omunye awube usasebenza ngesikhathi kusenokungqubuzana.

Ukuhunyushwa kokungqubuzana

Uma kudingidwa ukungqubuzana okubonakala kukhona phakathi komthethto kazwelonke nowesifundazwe, noma phakathi komthetho kazwelonke nomthethosisekelo wesifundazwe, zonke izinkantolo kufanele ziqoke noma okuphi ukuhunyushwa komthetho okufanele noma komthethosisekelo okuvimbela ukungqubuzana, ngaphezu kokunye ukuhunyushwa okubangela ungquzulwano.

The post Isahluko 6: Izifundazwe appeared first on Keep It Constitutional.

Isahluko 5: Umongameli neziphathimandla zikazwelonke
UMONGAMELI NEZIPHATHIMANDLA ZIKAZWELONKE

Isahluko 5

Umongameli

UMongameli –

(a) uyiNhloko yoMbuso nenhloko yomkhandlu kazwelonke Omkhulu;

(b) kufanele eseke, avikele, ahloniphe uMthethosisekelo njengomthetho omkhulu kunayo yonke eRiphabhuliki; futhi

(c) akhuthaze ubumbano lwesizwe nalokho okuqhubela iRiphabhuliki phambili.

Amandla nemisebenzi kaMongameli

(1) UMongameli unamandla awanikezwe nguMthethosisekelo nomthetho, kumbandakanya lawo mandla afanele ukuze enze imisebenzi yeNhloko yoMbuso nenhloko yeziphathimandla zikazwelonke.

(2) UMongameli ubheke okulandelayo –

(a) ukwemukela nokusayina iMithethosivivinywa;

(b) ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva ePhalamende ukuze licubungule kabusha ukuhambisana kwawo noMthethosisekelo;

(c) ukwedlulisela uMthethosivivinywa eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo;

(d) ukubizela isiGungu sikaZwelonke, uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma iPhalamende emhlanganweni ongajwayelekile ukuze kwenziwe umsebenzi okhethekile;

(e) ukuqoka noma yibaphi abazophatha izikhundla ezimiswe kuMthethosisekelo noma ngumthetho, ukuthi kufanele kwenziwe nguMongameli, ngaphandle kokuqoka akwenza njengenhloko yeziphathimandla zikazwelonke;

(f) ukuqoka amakhomishana okuphenya;

(g) ukubiza inhlololuvo kazwelonke ngokomthetho wePhalamende;

(h) ukwemukela futhi azise izithunywa zakwamanye amazwe kanye nabamele amanye amazwe;

(i) ukuqoka amanxusa, amanxusa agunyaziwe, abaphathelene nezindaba zamazwe kanye nabamele amanye amazwe;

(j) ukuxolela, noma asindise abagwetshelwe amacala futhi ehlise nanoma iyiphi inhlawulo, izigwebo noma ukudliwa kwempahla; futhi

(k) aklomelise ngezindondo zokuhlonipha.

[Incazelo ejwayelekile: Ukutuswa ngokuhlonishwa okwenziwe kuSomqulu kaHulumeni we 24155 mhlaka 6 Disemba 2002 kanye noSomqulu kaHulumeni we 25213 mhlaka 25 Julayi 2003.]

Igunya lokuphatha eRiphabhuliki

(1) Amandla okuphatha eRiphabhuliki abekwe kuMongameli.

(2) UMongameli usebenzisa amandla okuphatha, ebambisene namanye amalungu eKhabhinethi –

(a) ngokusebenzisa umthetho kazwelonke ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende usho okunye okwehlukile;

(b) ngokuthuthukisa nokusebenzisa izinqubomgomo zikazwelonke;

(c) ngokuqondanisa imisebenzi yeminyango yombuso kanye neyezakhiwo zombuso;

(d) ngokulungisa nokungenisa umthetho; kanye

(e) nokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi yokuphatha ehlinzekelwe kuMthethosisekelo noma kumthetho kazwelonke.

Ukukhethwa kukaMongameli

(1) Emhlanganweni waso wokuqala ngemuva kokukhethwa kwaso, futhi nalapho kunesidingo sokuvala isikhala, isiGungu sikaZwelonke kufanele sikhethe umuntu wesifazana noma wesilisa phakathi kwamalungu aso ukuthi abe nguMongameli.

(2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele angamele lolu khetho noma aqoke elinye ijaji ukwenza lokhu. Inqubo elandelwayo ebekwe kuNgxenye A yeSheduli yesi-3 iyona esebenzayo ekukhethweni kukaMongameli.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 6 soMthetho WwesiThupha oChibiyela

uMthethosisekelo wezi 2001.]

(3) Ukhetho lokuvala isikhala esikhundleni sikaMongameli kufanele lubekelwe isikhathi nosuku nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakadluli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuvela kwesikhala.

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 6 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.)

Ukuqala ukusebenza kukaMongameli

Uma esekhethwe njengoMongameli, umuntu uyayeka ukuba yilungu lesiGungu sikaZwelonke futhi, zingakapheli izinsuku eziyisihlanu, kufanele aqale umsebenzi wokweNgamela ngokufunga noma aqinisekise ukwethembeka eRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokuhambelana neSheduli yesi 2.

Isikhathi sesikhundla sikaMongameli

(1) Isikhathi esibekelwe isikhundla sikaMongameli siqala kusukela eqala umsebenzi futhi siphele lapho kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba nguMongameli eqala umsebenzi.

(2) Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoMongameli isikhathi esingaphezulu kwamahlandla amabili, kodwa uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala abe uMongameli, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa njengesikhathi soBungameli.

Ukususwa kukaMongameli esikhundleni

(1) IsiGungu sikaZwelonke, ngesinqumo esesekwe ngababili kwabathathu bamalungu aso, singamsusa kuphela uMongameli esikhundleni ngezizathu –

(a) zokwephulwa okubucayi koMthethosisekelo noma komthetho;

(b) zokungaziphathi kahle ngendlela embi kakhulu; noma

(c) zokungakwazi ukwenza imisebenzi yesikhundla.

(2) Noma ngubani osuswe esikhundleni sikaMongameli ngokwesigatshana soku 1(a) noma u (b) angeke athole izinzuzo zaleso sikhundla futhi akavunyelwe ukumela ukhetho lwesikhundla somphakathi.

IBamba likaMongameli

(1) Uma uMongameli engekho eRiphabhuliki noma engakwazi ukufeza izidingo zomsebenzi kaMongameli ngenxa yokuthile; noma uma kunesikhala kuleso sikhundla, iziphathimandla zingambambela njengoMongameli ngalokhu kulandelana –

(a) IPhini likaMongameli.

(b) UNgqongqoshe ojutshwe nguMongameli.

(c) UNgqongqoshe ojutshwe ngamanye amalungu eKhabhinethi.

(d) USomlomo, isiGungu sikaZwelonke size sijube omunye wamalungu aso.

(2) IBamba likaMongameli linezibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli.

(3) Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli iBamba likaMongameli kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka kuRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokweSheduli yesi 2.

(4) Umuntu okuthe njengeBamba likaMongameni wafunga noma waqinisekisa ukwethembeka kuRiphabhuliki akudingeki ukuthi aphinde inqubo elandelwayo yokufungiswa nokuqinisekisa esikhathini esilandelayo sokuba yiBamba likaMongameli esikhathini esilandelayo uma eba iBamba likaMongameli ngesikhathi kuphela isikhathi lapho umuntu okhethelwe ukuba nguMongameli

engena esikhundleni.

[Isigatshana sesi (4) esengezwe yisigaba soku 1 soMthetho wokuQlala oChibiyela uMthethosisekelo

we 1997]

Ikhabhinethi

(1) IKhabhinethi yakhiwe uMongameli, njengenhloko yeKhabhinethi, iPhini likaMongameli kanye noNgqongqoshe.

(2) UMongameli uqoka iPhini likaMongameli kanye noNgqongqoshe, abanike Amandla nemisebenzi yabo, futhi angabasusa esikhundleni.

(3) UMongameli –

(a) kufanele akhethe iPhini likaMongameli phakathi kwamalungu esiGungu sikaZwelonke;

(b) angakhetha nanoma yiliphi inani loNgqongqoshe phakathi kwamalungu esiGungu sikaZwelonke; futhi

(c) angakhetha oNgqongqoshe abangeqile kwababili abavela ngaphandle koMkhandlu.

(4) UMongameli kufanele aqoke ilungu leKhabhinethi elizoba umholi womsebenzi kahulumeni esiGungwini sikaZwelonke.

(5) IPhini likaMongameli kufanele lisize uMongameli ekwenzeni imisebenzi kahulumeni.

Imithwalo kanye nokulindelekile

(1) IPhini likaMongameli kanye noNgqongqoshe babheke amandla nemisebenzi yeziphathimandla abaqokelwe yona nguMongameli.

(2) Amalungu eKhabhinethi anezibopho ewonke kanyekanye nangokwelungu ngalinye ePhalamende mayelana nokusetshenziswa kwamandla nokwenziwa kwemisebenzi yawo.

(3) Amalungu eKhabhinethi kufanele –

(a) asebenze ngokuhambisana noMthethosisekelo; futhi

(b) anikeze iPhalamende imibiko ephelele njalo ngemuva kwezikhathi ezejwayelekile maqondana nezindaba ezilawulwa yiwo.

AmaPhini oNgqongqoshe

(1) UMongameli angaqoka –

(a) nanoma yiliphi inani lamaPhini oNgqongqoshe phakathi kwamalungu esiGungu sikaZwelonke; kanye

(b) namaPhini oNgqongqoshe angekho ngaphezulu kwamabili aqhamuka ngaphandle kwesiGungu, ukuba asize amalungu eKhabhinethi, futhi angawasusa esikhundleni.

(2) AmaPhini oNgqongqoshe aqokwe ngokwemigomo yesigatshana soku (1)(b) anesibopho ePhalamende sokusebenzisa amandla awo kanye nokwenza imisebenzi yawo.

[Isigaba sama 93 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 7 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

Ukuqhubeka kweKhabhinethi emuva kokhetho

Uma kubanjwe ukhetho lwesiGungu sikaZwelonke, iKhabhinethi, iPhini likaMongameli, oNgqongqoshe kanye nanoma yiliphi iPhini likaNgqongqoshe baqhubeka nokusebenza aze athathe isikhundla njengoMongameli umuntu okhethwe yisiGungu sikaZwelonke esilandelayo.

Isifungo noma isiqinisekiso

Ngaphambi kokuthi iPhini likaMongameli, oNgqongqoshe kanye namaPhini oNgqongqoshe baqale imisebenzi yezikhundla zabo, kufanele bafunge noma baqinisekise ukuthi bazokwethembeka kuRephabhliki futhi bathobele uMthethosisekelo, ngokweSheduli yesi 2.

Ukuziphatha kwamalungu eKhabhinethi namaPhini oNgqongqoshe

(1) Amalungu eKhabhinethi kanye namaPhini oNgqongqoshe kufanele aziphathe ngendlela ehambisana nohlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke.

(2) Amalungu eKhabhinethi namaPhini oNgqongqoshe akufanele –

(a) enze omunye umsebenzi okhokhelwayo;

(b) aziphathe noma ngayiphi indlela engahambisani nezikhundla zawo, noma azibeke kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi babonakale benobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezintshisekelo zabo zomsebenzi nezintshisekelo zomuntu zangasese;

(c) asebenzise izikhundla zawo noma ulwazi lwanoma uluphi uhlobo olunikezelwe wona, ukuzinothisa noma ukwenzela omunye inzuzo ngendlela engafanele.

Ukudluliswa kwemisebenzi

UMongameli angadlulisela kwilungu leKhabhinethi ngesimemezelo esishicilelwe –

(a) ukwengamelwa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma

(b) ngamaphi amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho.

Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana

UMongameli anganikeza ilungu leKhabhinethi noma yimaphi amandla noma umsebenzi welinye ilungu leKhabhinethi elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi.

Ukwabiwa kwemisebenzi

Ilungu leKhabhinethi lingabela ilungu loMkhandlu Omkhulu wesifundazwe noma loMkhandlu Kamasipala noma yimaphi amandla noma umsebenzi okufanele wenziwe ngokoMthetho Wephalamende. Ukwabiwa –

(a) kufanele uhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu leKhabhinethi elithintekile kanye nelungu loMkhandlu Omkhulu noma loMkhandlu Kamasipala;

(b) kufanele uhambisane nomthetho wePhalamende ophathelene nokusetshenziswa kwalawo mandla noma ukwenziwa kwalowo msebenzi; futhi

(c) kuqala ukusebenza lapho kumenyezelwa nguMongameli.

Ukungenelela kukazwelonke ekubusweni kwesifundazwe

[Isihloko sichibiyelwe yisigaba sesi 2(a) soMthetho weShumi nanye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]

(1) Uma isifundazwe singakwazi noma singafezi izibopho zaso zokuphatha ezibekwe nguMthethosisekelo noma ngumthetho, isigungu esiphethe singalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukufezwa kwezibopho, kumbandakanya –

(a) ukukhipha isiyalelo esiya kumkhandlu omkhulu wesifundazwe esichaza indlela esehluleka ngayo ukufeza izibopho zaso futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kufezwe izibopho zaso; kanye

(b) nokuzithathela umsebenzi wokubhekela lezo zibopho ezithintekile kuleso sifunda ngezinga elidingekile ukuze –

(i) kugcinwe amazinga abalulekile ngokukazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga okungafanele ehliswe okwethula izidingo;

(ii) kugcinwe ubumbano lwezomnotho;

(iii) kugcinwe ukuphepha kwezwe; noma

(iv) kuvinjwe leso sifundazwe ukuze singathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza izintshisekelo zezinye izifundazwe noma zezwe lonke.

[Isigatshana soku (1) sichibiyelwe yisigaba sesi 2(b) soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]

(2) Uma isigungu esiphethe singena udaba esifundazweni ngokwesigatshana(1)(b) –

(a) isaziso esibhaliwe sokulungena udaba kufanele sifakwe phambi koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zingakapheli izinsuku eziyi 14 ngaphambi kokungenelela udaba;

(b) ukungenenelela udaba kufanele kuyekwe uma uMkhandlu ungakwemukeli ukungenelela zingakapheli izinsuku eziyi 180 ngemuva kokungenelelwa kodaba noma uma kuphela leso sikhathi kungakagunyazwa;

(c) uMkhandlu kufanele, ngenkathi ukungenelela udaba kuqhubeka, ubukeze njalo ukungenelela udaba futhi wenze noma yiziphi izincomo ezifanele esiGungwini sikazwelonke.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 2(c) soMthetho weShumi naNye oChibiyela

uMthethosisekelo wezi 2003.]

(3) Umthetho kazwelonke ungalawula uhlelo olumiswe yilesi sigaba.

[Isigaba se 100 sichibiyelwe yisigaba sesi 2(a) soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]

Izinqumo zesigungu esiphethe

(1) Isinqumo sikaMongameli kufanele sibhalwe phansi uma –

(a) sithathwe maqondana nomthetho; noma

(b) sinemiphumela esemthethweni.

(2) Isinqumo esibhalwe phansi nguMongameli kufanele sisayinwe ngelinye lamalungu eKhabhinethi uma leso sinqumo sixhumene nomsebenzi owabelwe lelo lungu leKhabhinethi.

(3) Izimemezelo, imitheshwana kanye neminye imithombo yemithetho engaphansi kweminye kufanele umphakathi ukwazi ukufinyeleleka kuyo.

(4) Umthetho kazwelonke ungacacisa indlela, kanye nebanga izinto ezishiwo kusigatshana sesi (3) okufanele –

(a) zethulwe ngayo phambi kwePhalamende;

(b) zamukelwe ngayo yiPhalamende.

Iziphakamiso zokungethembeki

(1) Uma isiGungu sikaZwelonke semukela ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, isiphakamiso sokungalethembi iKhabhinethi, ngaphandle kokubala uMongameli, uMongameli kufanele alakhe kabusha iKhabhinethi.

(2) Uma isiGungu sikaZwelonke samukela ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, isiphakamiso sokungamethembi uMongameli, uMongameli namanye amalungu eKhabhinethi kanye nanoma yimaphi amaPhini oNgqongqoshe kufanele bashiye izikhundla.

The post Isahluko 5: Umongameli neziphathimandla zikazwelonke appeared first on Keep It Constitutional.