fbpx

Uhla Lwezihloko Isendlalelo

Dlulisa Enkundleni Zokuxhumana

Thina, bantu baseNingizimu Afrika,
Siyazamukela izenzo ezingalungile zesikhathi esadlula;
Siphakamisa labo abahluphekela ubulungiswa nenkululeko emhlabeni wethu;
Sihlonipha labo abasebenzele ukwakha nokuthuthukisa izwe lethu; futhi
Sikholelwa ukuthi iNingizimu Afrika ingeyabo bonke abahlala kuyo, sibumbene nakuba
singafani.
Ngakho-ke, ngokusebenzisa labo abasimele esibakhethe ngokukhululeka, samukela lo
Mthethosisekelo njengomthetho omkhulu weRiphabhuliki ukuba –
Silungise ukwehlukana kwesikhathi esedlule futhi sakhe umphakathi Silungise
ukwehlukana kwesikhathi esidlule futhi sakhe umphakathi owesekelwe
ngamagugu entando yeningi, ubulungiswa emphakathini nakumalungelo
abantu ayisisekelo;
Sibeke izisekelo zomphakathi oqhuba ngendlela yentando yeningi novulelekile,
lapho uhulumeni esekelwe ngentando yabantu futhi zonke izakhamuzi zivikelwe
ngumthetho ngokulinganayo;
Senza ngcono izinga lokuphila lazo zonke izakhamuzi futhi sikhulula abantu
kwabangakwenza; futhi
Sakha iNingizimu Afrika ebumbene futhi yentando yeningi ekwazi ukuthatha
indawo yayo efanele njengombuso ozimele emkhakheni yamazwe.
Sengathi uNkulunkulu angavikela abantu bakithi.
Nkosi Sikelel’ i-Afrika. Morena boloka setjhaba sa heso.
God seën Suid-Afrika. God bless South Africa.
Mudzimu fhatutšhedza Afurika. Hosi katekisa Afrika.

Funda umthetho sisekelo
Bheka, bese uyavula