fbpx

Yingani kumele sibe nendaba noMthethosisekelo?

30-01-2019

Dlulisa Enkundleni Zokuxhumana

UMthethosisekelo ungumqulu obalulekile futhi onamandla kakhulu eNingizimu Afrika 

UMthethosisekelo ubala wonke amalungelo kanye nezibopho bonke abantu baseNingizimu Afrika abanakho. Ngumqulu onamandla kakhulu njengokuba kungumthetho omkhulu kakhulu ezweni futhi bonke abantu kumele balandele imithetho yawo, noMongameli imbala, amalunga ePhalamende noma abazali bakho kanye nothisha.

Yingani kumele ube nendaba noMthethosisekelo?

“Bonke abantu eNingizimu Afrika” kusho bonke abantu eNingizimu Afrika, bayo yonke iminyaka – hhayi abadala kuphela. Ngakho-ke, noma ngabe uyingane noma ingane ekhulile, unamalungelo futhi abantu kumele bawahloniphe lawo malungelo.

Eqinisweni, wonke umuntu ongaphansi kweminyaka eyi-18 unamalungelo athile – amalungelo abantu abadala abangenawo. Kubalulekile ukuthi abantu bahloniphe amalungelo akho, futhi bakuhloniphe. Ulindelekile futhi ukuthi uhloniphe abanye kanye namalungelo abo futhi ukuthi ube yingxenye yomphakathi elandela umthetho (yilapho ingxenye yesibopho ingena khona).

Ukwazi kabanzi ngoMthethosisekelo wethu kusho ukuthi uma ucabanga ukuthi awuphethwe ngendlela efanele, noma ungathandi indlela isimo esikwenza uzizwe ngayo, ungakwazi ukwenza Ukuthatha Izinyathelo – futhi uzoba nomthetho ozokuvumela.

Ukwazi amalungelo akho, uzokwazi uma umuntu ewaphulile. Ilapho umemeza ngakho, futhi wazi kahle ukuthi izwe lakho likuphethe. Futhi lokho kulungile.

Uma ucabanga ukuthi amalungelo akho awahlonishwa kunezinto eziningi ongazenza. Thola kabanzi ngokuthatha izinyathelo lapha.

yini odinga ukuyazi

Kumele wazi ukuthi uMthethosisekelo uyakuvikela, futhi uyakusiza ukuthi ube nezinto ozidingayo ukuze uphile impilo enhle. Lokhu kungasho ukukwazi ukuthola imfundo, noma ukuphathwa ngendlela efanayo nabanye abantu. Futhi udinga ukuba nesiqiniseko sokuthi uphatha abanye abantu ngendlela efanayo (ngaphandle kwalokho ungazithola ususenkingeni ngokukhulu ukushesha).

UMthethosisekelo ungumqulu onamandla, kanti ukwazi kabanzi ngoMthethosisekelo kukunika amandla. Amandla okunquma ukuthi kumele uphathwe kanjani emhlabeni kanye nokuthi ubaphatha kanjani abanye. Qala uzifundise uMthethosisekelo manje – yisinyathelo ezibalulekile entsheni ukuthi isithathe.

Kuyabonakala ukuthi uMthethosisekelo uyamangalisa kakhulu: Uyakuvikela, futhi ungakunika ukuzethemba, ngoba uma wazi amalungelo akho uyakwazi ukuwamela, futhi lokho kwenza ukuthi uzigqaje ngokuba wuwe. Kuhle!