fbpx

Imibuzo Ejwayelekile Ukubuzwa

24-09-2018

Dlulisa Enkundleni Zokuxhumana

NGOKU KUGCINA KUNGOMTHETHO SISEKELO

Yini ukugcine kungomthetho sisekelo?

Ukugcine kungomthetho sisekelo ngumkhankaso ofuna ukusiza wonke umuntu emzansi afrika, kodwa ikakhulukazi abafundi, ukuthi bafunde ngamalungelo wabo ngokomhetho sisekelo. Umkhankaso uzonceda abantu ukuthi bazi amalungelo wabo kumthetho sisekelo nokuthi kungani umthetho sisekelo ubalulekile emphakathini womzansi africa, ngoku nikezela ngolwazi ngeziqephu zemifanekiso yopopayi, ngama – blog post, nange mininingwane enkundleni zokuxhumana .

Umkhankaso uqhutshwa ngabe nhlangano yamalungelo wabantu besekelwe ngabo mnyango wezo bulungiswa nomthetho sisekelo nentuthuko nabenhlangano yabaseeurope (european union).

Kungani Umkhankaso Wokugcine Kungomthetho Sisekelo Ubalulekile?

Abantu abaningi emzansi afrika abawazi amalungelo wabo – ngokweqiniso, ngokocwaningo lwamanje oluthole ukuthi balinganiselwa kumaphesenti angamashumi amahlanu (50%) abantu base mzansi afrika abazi lutho ngomthetho sisekelo onikeza abantu base mzansi afrika amalungelo. Uma abantu bengazi ngamalungelo wabo, babasengcupheni yokuhlukumezeka. Umkhankaso wokugcina kungomthetho sisekelo ufuna ukusiza abantu bethathe amalungelo wabo, bephinde bezivikele ekuhlukunyezweni.

NGOKO MTHETHO SISEKELO WEMZANSI AFRICA

Uyini umthetho sisekelo?

Umthetho sisekelo yisiqalo sayo yonke imithetho emzansi afrika. Ugoqela amalungelo akhona kubo bonke abantu basemzansi afrika. Wonke umuntu emzansi afrika, ngisho nabantu abanamandla ezweni, kumele bewuhloniphe umthetho sisekelo. Nohulumeni naye uyambamba umthetho sisekelo. Ungafunda kabanzi ngesisusa womthetho sisekelo lapha -uyini umthetho sisekelo?

Kungani ubalulekile?

Umthetho sisekelo ubalulekile ngokwe zizatho eziningi. Ngumthetho ongaphezulu ukudlula yonke eminye imithetho emzansi afrika. Uphinde usitshele ngezwe umzansi afrika ofuna ukuba yilo – izwe eligxile esithunini, ekulinganeni, nenkululeko, okuyisiqalo samalungelo. Kufaka phakathi amalungelo asiza abantu bephile impilo enesithunzi, nokubamba abanye abantu, izinkampani, nohulumeni imbala, ekwenzeni okufanele.

Yiwaphi amalungelo akumthetho sisekelo?

Umthetho sisekelo ugoqela amalungelo amaningi, kufaka phakathi ilungelo lokuphila, ilungelo lokulingana, ilungelo lempilo enesithunzi. Ukufunda ngala malungelo kumthetho sisekelo kabanzi, cindezela lapha. -yiwaphi amalungelo akumthetho sisekelo?

ULUTHOLA KANJANI USIZO NGOKWE ZOMTHETHO

Ziningi izinhlangano emzansi afrika ezisiza abantu ukuvikela amalungelo wabo. Sinikeze ngolwazi ngokuthi ungaxhumana kanjani nezinye zazo lapha.

NGOKWABO THISHA NABAHOLI EMAQEMBINI OMPHAKATHI

Yiziphi izinsiza ezikhona maqondana nabothisha nabaholi bamaqembu womphakathi?

Izinsiza eziningi kugicne kungomthetho sisekelo zingatholakala ku-intanethi (downloaded), ngezabo thisha nabaholi bamaqembu emphakathini ukuzisebenzisa emagunjini okufundisa nase nhlanganweni zabo. Izinsiza ziyatholakala ngeziqephu zemfanekiso yobopopayi, ingxoxo eqoshiwe (podcast), nemklamo zezifundo (lesson plans) abothisha nabaholi bengasebenzisa imiklamo zezifundo njenge ndlela yokunikeza abafundi namalunga waqembu abo ngolwazi noma umsebenzi onikeza abafundi ulwazi olungezelelwe ngamalunga womthetho sisekelo nango mthetho sisekelo kazibuse emzansi afrika.

Ngingasebenzisa kanjani ukugcinekungomthetho sisekelo egunjini lami lokufundisa?

Ungakhombisa umfanekiso weziqephu zopopayi zokugcina kungomthetho sisekelo noma udlalele abafundi bakho ingxoxo eqoshiwe. Ungaphinda usebenzise imklamo yezifundo, noma uzithathe ukuze zilungele indlela ofundisa ngayo.

Ungaphinda futhi utshele abafundi bakho ngomkhankaso enkundleni zokuxhumana ngokugcina kungomthetho sisekelo, ozobanikeza imininingwane emisha ngomthetho sisekelo njanjalo uma kubanoshintsho*ngingasebenzisa kanjani ukugcinekungomthetho sisekelo egunjini lami lokufundisa?

Ungakhombisa umfanekiso weziqephu zopopayi zokugcina kungomthetho sisekelo noma udlalele abafundi bakho ingxoxo eqoshiwe. Ungaphinda usebenzise imklamo yezifundo, noma uzithathe ukuze zilungele indlela ofundisa ngayo.

Ungaphinda futhi utshele abafundi bakho ngomkhankaso enkundleni zokuxhumana ngokugcina kungomthetho sisekelo, ozobanikeza imininingwane emisha ngomthetho sisekelo njanjalo uma kubanoshintsho

UXHUMANA KANJANI NOKUGCINE KUNGOMTHETHO SISEKELO

Imininingwana yethu yokuxhumana ingatholakala lapha here.